Sport

Qhude manikiniki zindala zombili

Ubeyimpumelelo umncintiswano webhola likanobhutshuzwayo obubanjelwe ezinkundleni zemidlalo zaseDanyini.
U-Innocent Mdledle we Supersport United wayebanga noKnowledge Musona weKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngonyaka odlule. Lamaqembu azotholana futhi koweNedbank Cu. Isithombe abakwaBackpagePix.

Hhayi ashubile ama-Quarter Finals e-Nedbank

IQINISO lithi imidlalo yama- Quarter Finals kulempelasonto izoshuba kakhulu futhi baningi abazophuka imimoya.Okubuhlungu ukuthi iKwaZulu Natali izobe imelwe iqembu elilodwa nje vo, iMaritzburg United. Abafana baseMgungundlovu, iTeam Of Choice izobhekana ekuhambeni neqembu lase- Free State -iAfrican Warriors e-Charles Mopeli Stadium ngaloMgqibelo (April 12). Noma i-Warriors iyiqembu elidlala  kwi-National First Division (NFD) kodwa izazi zithi liyingozana…
UThabo Matlaba we-Orlando Pirates edlula kuZaakier Williams we Santos emdlalweni weNedbank Cup e-Athlone Stadium, eCape Town ngoLwesihlanu isithombe abakwaBackpagePix

Amaqembu ase-KZN awalwele ukuvika izembe

MASIVUMENI nje sonke la KwaZulu Natali ukuthi ukuhlulwa kwamaqembu ethu kwi-Nedbank Cup njengamaZulu  neLamontville Golden Arrows sekuwumlando manje. Mhlawumbe abanye bethu bangavuma ukuthi kube yisibusiso ebesinganakekile ukuhlulwa kwethu kulomqhudelwano. Phela nakweziligi akukasimeli kahle-hle kanti amanye amaqembu angazibona edliwa yizembe ngasekupheleni kwesizini.USuthu ludliwelwe ekhaya kwaMashu ngo 4-1 yi-Bidvest Wits. Kanti naBafana Bes’thende bathelwe ngehlazo lika 4-1 eMlazi yi-Mamelodi…
UBongonkosi Ntuli weGolden Arrows no Mzikayise Mashaba weMamelodi Sundowns emdlalweni we- Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium ngo-Agasti wonyaka odlule. Lamaqembu azobhekana enkundleni efanayo kowe-Nedbank Cup NgoMgqibelo ebusuku. Isithombe abakwaBackpagePix

Akukapheli ukukhuluma kubalandeli

“SEKUSUKILE futhi lokho, kukhona ozolahla..siyohlangan’emarenkeni bakwethu.”Yiwo amazwi obuwezwa ngempelasonto edlule uma abalandeli bebhola bekhumbuzana ukuthi phela ushikishi lweNedbank Cup luyaqhubeka. Amakilabhu amaningi nathathwa njengamakhulukazi kwiPSL azozibona ebhekana namakilambu amancane.Ushikishi luqale ngoLwesihlanu.Kubuhlungu-ke ngoba ofishi abancane bagcina bedle abakhulu. Lena kuzobe kuyimidlalo ye- last 16 yeNedbank Cup. IBhakaBhaka, i-Orlando Pirates esanda kuphoxwa yiKaizer Chiefs emdlalweni weligi lapho idliwe…
Umdlali wethenisi uLucas Sithole lapha wathathwa ngonyaka odlule emqhudelwaneni we inAirports Company South Africa SA Wheelchair Tennis Open e-Ellis Park Tennis Centre eGoli.

Uyaqala umqhudelwano wethenisi yabahamba ngezihlalo zabakhubazekile

ABADLALI bethenisi yabahamba ngezihlalo zabakhubazekile sebezenzele igama umhlaba wonke, nokungumphumela wokuba umqhudelwano wakulonyaka walomdlalo ubanjelwe lapha eNingizimu-Afrika, ngenyanga ezayo. ULucas Sithole obe yingxenye yomqhudelwano obubanjelwe e-Australia ngenyanga ka-Januwari usephakamise igama lakhe, waba ngowesibili ohamba phambili emhlabeni wonke, elandela u-David Wagner wase-United States, yena owamehlula eMelbourne. Owesifazane wakuleli naye oyingxenye yalomdlalo uKgothatso Montjane, owaziwa ngo-KG, yena…
UBUHOLI bukaThanduyise “Gonondo Uyesabeka” Khuboni budingeka kuyo yonke imizuzu yemidlalo esalele iLamontville Golden Arrows ukuze iphephe ezembeni Isithombe: Backpagepix

Kubanjwe umoya kuBafana Besithende

UKUNQOBA kwamaqembu aKwaZulu-Natali kweyeNedbank Cup ngeledlule, kufake ugqozi kwiLamontville Golden Arrows ngokuqoqa amaphuzu agcwele emdlalweni wayo ne-University of Pretoria oseKing Zwelithini Stadium eMlazi ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Yize isimo sibukeka singesihle kwi-Arrows ngekusasa layo elimfiliba, abantu abazithola bekwenkulu ingcindezi nguShaun Bartlett umqeqeshi nephini lakhe uBheka Phakathi, kodwa abangakalilahli ithemba. Ukuqhoqhobalwa yila madoda kwezintambo zokuqeqesha,  sekuletha amathenjana kubalandeli selokhu kukhonjwe uMark Harrison indlela   emva kokuba wukudla kwenduku kwe-Arrows. UPhakathi okhulele kule liqembu uthi kufanele baqoqe amaphuzu kuyo yonke imidlao ebasalele. Uthi akukhathaleki ukuthi basekhaya noma ekuhambeni ukuze bagweme  izembe ekupheleni kwesizini. Kufika lesi simo nje kwi-Arrows, bobabili benoBartlett abakathenjiswa lutho ngezikhundla ezigcwele zokuqeqesha njengoba besabambe izintambo. UPhakathi akavumi kuthiwe yibo okufanele babambe izintambo zokuqeqesha “Kusekuseni ukuthi sesingaze sisho njalo, okwamanje kufanele sisebenze kanzima, sikhuphuke  sisinde ezembeni. “Nomsebenzi wokuhlanganisa iqembu nokubuyisa ithemba kubafana ubalulekile. “ Eyabahambayo nabazoqeqesha okwamanje ake siyikhohlwe nje, kusetshenzwe     ngokubambisana,” kusho lo mqeqeshi. Uthi ubumnandi bomdlalo namaTuks wukuthi  usekhaya. Kusasa  ngoLwesihlanu    iMaritzburg United “Team Of Choice” ibuyela ekhaya lapho izobhekana khona neMoroka Swallows eHarry Gwala Stadium ngo-7 30 ebusuku. Umqeqeshi weTeam Of Choice uSteve Komphela uthukile wabuye wazwakalisa  ukujabula ukuthi ezakhe ziwinile ngesikhathi bedlala neBlack Aces. Nokho uKomphela usakhala kakhulu ngendlela yokucabanga nokuqina komqondo wabadlali  bakhe basemuva, ikakhulukazi uma sekuyiwa ngasemaphethelweni. “Ukudlala kwethu angisakhali kakhulu ngakho kodwa ngisasho ukuthi amehlo nemiqondo yethu kufanele ihlale ivulekile, sikwazi ukuqapha nxazonke size siwuqede umdlalo. “Kufanele sizibambe ziqine sikwazi ukuwina kunoma naliphi iqembu. kodwa kufanele silungise lamaphutha,” kusho uKomphela. Eminye imidlalo iboshelwe kanje: NgoLwesihlanu Maritzburg United vs Moroka Swallows- Harry Gwala Stadium (7.30pm); Ajax Cape Town v Polokwane City…
UKUNQOBA kwaMaZulu FC i-United FC emdlalweni osekuhambeni weNedbank Last 32 ngempelasontokuzowubuyisakanje umdlandla kubalandeli boSuthu

I-United elinye lamathemba e-KZN kowe-Nedbank

NAKUBA amehlo ezothi njo emaqenjini aKwaZulu-Natali azodlala kwiNedbank Cup Last 32, akukho okwedlula isasasa loweMaritzburg United ezowudlala neMpumalanga Black Aces eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku. Isasasa lalo mdlalo lisuka ekutheni womabili lamaqembu abedlana imilala koweligi ngempelasonto okunqobe kuwo i-Aces ngo-2-1. Nakuba ungasewona oweligi kodwa i-Team Of Choice izolwela ukungakhishwa esibayeni sayo kwazise nalomqhudelwano ungocebe ukuyedlula yonke kwiPremier Soccer League (PSL). Mine imidlalo ezodlalwa ngamaqembu aKwaZulu-Natali kulo mqhudelwano kanti emithathu yayo idlalelwa ezinkundleni zawo ngaphandle kowaMaZulu ne-United FC osekuhambeni. Yize izinto zingayihambeli neze kahle i-Orlando Pirates, abalandeli abakugqizanga qakala ukungaqoqi kwayo amaphuzu agcwele, bawathenge wonke amathikithi omdlalo wayo neThanda Royal Zulu ose-Umhlathuze Sports Complex ngoMgqibelo ngo-2.30 ntambama. Lo mdlalo unbalulekile kakhulu kwiThanda ngasezimalini njengoba isimo sayo singesihle kwilog yePSL First Division, kufanele igweme izembe ekupheleni kwesizini. Amathikithi ale midlalo ayatholakala kuma-computicket nakwaShoprite Checkers ezweni lonkwe ngoR40 kwabadala noR10 ezinganeni ezineminyaka engaphansi kweyi-12. Ziwinele amathikithi amabili okubuka umdlalo weCity of Choice naMaZayoni ngokuphendula lombuzo: Udlalelwa kuphi umdlalo weMaritzburg United neMpumalanga Black Aces?  Phendula ngoku-sms kule nombolo 42283. Isiyonke imidlalo yeNedbank Cup iqhathwe kanje: NgoLwesihlanu: Ajax Cape Town vs. Mamelodi Sundowns (Athlone Stadium, 20h00);  NgoMgqibelo: Thanda Royal Zulu vs  Orlando Pirates (Umhlathuze Sports Complex, 14h30);  Free State Stars vs. Witbank Spurs (Goble Park Stadium, 15h00);  AmaBEE FC vs. Bidvest Wits (Sinaba Stadium, 15h00); Platinum Stars vs. Great North FC (Royal Bafokeng Sports, 15h00); L. Golden Arrows vs. Polokwane City (King Zwelithini Stadium, 18h00);  University of Pretoria vs. SuperSport United (TUKS Stadium, 20h15);  Maritzburg United vs. MP Black Aces (Harry Gwala Stadium, 20h15); Moroka Swallows vs. Mbombela United FC (Dobsonville Stadium, 20h15). NgeSonto:  Black Leopards vs. Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium, 15h00);  Milano United vs. Bloemfontein Young Tigers (Wynberg Military Base,…
Top