Amaqembu ase-KZN awalwele ukuvika izembe

UThabo Matlaba we-Orlando Pirates edlula kuZaakier Williams we Santos emdlalweni weNedbank Cup e-Athlone Stadium, eCape Town ngoLwesihlanu isithombe abakwaBackpagePix
UThabo Matlaba we-Orlando Pirates edlula kuZaakier Williams we Santos emdlalweni weNedbank Cup e-Athlone Stadium, eCape Town ngoLwesihlanu isithombe abakwaBackpagePix

MASIVUMENI nje sonke la KwaZulu Natali ukuthi ukuhlulwa kwamaqembu ethu kwi-Nedbank Cup njengamaZulu  neLamontville Golden Arrows sekuwumlando manje. Mhlawumbe abanye bethu bangavuma ukuthi kube yisibusiso ebesinganakekile ukuhlulwa kwethu kulomqhudelwano.

Phela nakweziligi akukasimeli kahle-hle kanti amanye amaqembu angazibona edliwa yizembe ngasekupheleni kwesizini.USuthu ludliwelwe ekhaya kwaMashu ngo 4-1 yi-Bidvest Wits. Kanti naBafana Bes’thende bathelwe ngehlazo lika 4-1 eMlazi yi-Mamelodi Sundowns .Okhulumela i-Arrow uVusi Vilakazi uyavuma ukuthi ezakhe sezizobhekana nokulwela izembe kuphela. “Mhlawumbe kuzosisa ukubhekana nesimo seligi esikusona kulezinsuku.

Iqiniso lithi ukulwela izindebe kuzosiza ngani ngoba phela nali izembe lisasibhekile, kufanele sisinde futhi sizosinda bandla,”kusho uVilakazi. Kanti ngoMgqibelo i-Arrows iphinde ibhekane nayo futhi i-Wits e-King Zwelithini ngo 8pm. Kanti iMaritzburg United okuyiyona kuphela edlulele kuma -quarter finals emva kokuwina ngamaphenathi 3-1 kudlalwa nePlatimun Stars, izobuyela khona futhi eRusternberg koweligi ngoMgqibelo.

USuthu luyahamba lapho luyobhekana ne Bloemfontein  eKaizer Sebothelo Stadium ngeSonto. Isiyonke imidlalo yeligi ihlelwe kanje:

28 March Ajax Cape Town v Black Aces 20:00
Athlone Stadium
29 March Platinum Stars v Maritzburg United
15:30    Royal Bafokeng Stadium
29 March    Orlando Pirates v Moroka Swallows
18:00    Orlando Stadium
29 March    Golden Arrows v Wits    20:15    King
Zwelithini Stadium
29 March    Polokwane City v Free State Stars
20:15    Old Peter Mokaba Stadium
30 March    Bloemfontein Celtic v AmaZulu    15:30
Kaizer Sebothelo Stadium
30 March    Mamelodi Sundowns v University of
Pretoria    15:30    Loftus Stadium.

  AUTHOR
Jerry Barnes

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kaze iyozala nkomoni ka Ward 33