Uyaqala umqhudelwano wethenisi yabahamba ngezihlalo zabakhubazekile

Umdlali wethenisi uLucas Sithole lapha wathathwa ngonyaka odlule emqhudelwaneni we inAirports Company South Africa SA Wheelchair Tennis Open e-Ellis Park Tennis Centre eGoli.
Umdlali wethenisi uLucas Sithole lapha wathathwa ngonyaka odlule emqhudelwaneni we inAirports Company South Africa SA Wheelchair Tennis Open e-Ellis Park Tennis Centre eGoli.

ABADLALI bethenisi yabahamba ngezihlalo zabakhubazekile sebezenzele igama umhlaba wonke, nokungumphumela wokuba umqhudelwano wakulonyaka walomdlalo ubanjelwe lapha eNingizimu-Afrika, ngenyanga ezayo.

ULucas Sithole obe yingxenye yomqhudelwano obubanjelwe e-Australia ngenyanga ka-Januwari usephakamise igama lakhe, waba ngowesibili ohamba phambili emhlabeni wonke, elandela u-David Wagner wase-United States, yena owamehlula eMelbourne. Owesifazane wakuleli naye oyingxenye yalomdlalo uKgothatso Montjane, owaziwa ngo-KG, yena ungowesikhombisa emhlabeni ohlwini lwabahamba phambili, u-Evans Maripa yena emhlabeni uhleli endaweni ye-15.

Kungenxa yokuzimisela kwabadlali bakuleli nokuholele ekutheni iNingizimu-Afrika ihlomule ngokusingatha imiqhudelwano ebalulekile ngaphansi kwe-International Tennis Federation (ITF). Lomqhudelwano uzokubanjelwa e-East Tennis Centre, eBenoni mhlaka 23 kuya kumhlaka 27 ku-Ephreli. Ungomunye weyi-13 ebaluleke kakhulu emhlabeni.

Kulindeleke ukuba kubekhona nabadlali bakwamanye amazwe, kuvulwe i-Airports Company South Africa kusukela mhlaka 29 Ephreli kuya kumhlaka 3 Meyi. Eminye imiqhudelwano izokubanjelwa e-Australia, France, Japan, Britain kanye nase-United States.

“Kuyithuba eliyingqayizivele ukuba sisingathe lomqhudelwano. Kuyabonakalisa ukuthi iNingizimu-Afrika nayo ingene emdlalweni wethenisi yabahamba ngezihlalo zamasondo kwacaca. Emqhudelwaneni olandelayo silindele izinkakha zabadlali ukuba batheleke kuleli, babe yingxenye yemidlalo ezokubakhona,” kusho iMenenja ye-Wheelchair Tennis South Africa (WTSA), uKaren Losch.

Mhlaka 30 Ephreli, abadlali bazozibandakanya ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwezikole.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uphakamise iKZN ebangovelele esibhakeleni sabesifazane owaKwaMashu