‘Sibonga ukuthi sebeboshiwe ababulali’

UMNDENI wakwaKhoza eCaluza uthi usukhululeke emoyeni ngokubanjwa kwalaba abasolwa ngokuqotha amalungu ayisikhombisa eVlakfontein, eJohannesburg. Elandisa iKZN Eyethu, uThoko Khoza (72) olahlekelwe yindodakazi yakhe kanye nabazukulu besebelala obenyoni ngenxa yokwesabela ukuthi bazokwenziwa isilo sengubo njengoba bezwa kuthiwa bathi abasolwa abakaqedi basazobuya.

“Ukuboshwa kwalabasolwa kungijabulise kakhulu besengisaba ukuthi bazobuyela kumina bazongibulala njengoba sebeqedile ngezingane zami. Ngithandazela ukuthi bangayitholi ibheyili babolele ejele. Sebengizwise obukhulu ubuhlungu,” kusho uKhoza.

Yize sebeboshiwe abasolwa kodwa uKhoza uthi kusanzima isithombe sabantwana bakhe silokhu sibuya. Elinye ilungu lomndeni uDkt Makhosi Khoza uthe uthole ukuthi lawa ngamalungu omndeni abulawe ngesihluku esinje ngesikhathi ebuzwa ngumngani ukuthi kungani engayile emngcwabeni. “Imibiko yabezindaba eJohannesburg ayicacisi ukuthi izisulu ngezaseMgungundlovu,” kusho yena.

Abebezokhalisa umndeni abaqhamuka kwizifundazwe ezimbili babuthelane eCaluza Sports Complex, eMgungundlovu ngeSonto ukuzothi ndlelanhle kulamalungu omndeni. Umngcwabo ka- uKarabo (11), Luyanda (7), Nkanyiso, Sibongakonke(2), Mbali (51), Dudu (46), kanye no -Nomfundo Khoza (28) ubuhanjelwe ngosaziwayo kanye nabaholi bezombusazwe KwaZulu Natali kanye nase – Gauteng.

Emngcwabeni kuvele ukuthi imizimba yabantwana abane yatholakala egumbini lokulala ziboshiwe nokutholakale ukuthi ziqale zadlwengulwa amathumbu evele ngaphandle amehlo egxokogxiwe kubonakala sengathi bezishaywa ngento eyinsimbi, kwathi abadala babulawelwa egarage base beyagqitshwa emzini wabo.

Ukuboshwa kuka – Ernest Mabaso (27) waseZimbabwe kanye no – Fita Khupe (61) waseMozambique kuqinisekiswe nguNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGoli uSizakele Nkosi – Malobane emngcwabeni.

UMabaso kuthiwa ubanjwe kumngcele ophakathi kwe – Mpumalanga kanye neLimpompo kwathi uKhupe wabanjwa eDobsonville, Soweto. UMabaso utholakale namakhadi asebhange amalungu amabili alomndeni oyisikhombisa.

Labasolwa ababili bavele enkantolo yaseLenasia ngoMsombuluko kanti uMabaso obekwaziwa ukuthi ungu – Ernest Khoza, uzogcinwa eJohannesburg Central emuva kokunqaba ukufaka isicelo sebheyili. Ummeli kaMabaso utshele inkantolo yaseLenasia ukuthi uMabaso unqabe ukufaka isicelo sebheyili ngenxa yokusabela impilo yakhe. Kuzolalelwa isicelo sebheyili sikaKhupe ngomhlaka 12 November.

 

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top