Ithole izindondo ezintathu imbongi yaseMgungundlovu

IMBONGI uSiphamandla ‘Spha da poet’ Zondi oneminyaka engu – 31 uthe uyakujabulela ukuthi uthole izindondo ezintathu emcimbini owethiwe ngeNelson Mandela Bay Poetry Awards obubanjelwe ePort Elizaberth muva nje.

UZondi uklonyeliswe ngendondo yokuba yimbongi ezidlula zonke izimbongi zabesilisa, imbongi evelele kanye neye – Best composer.

“Ukuhaya izinkondlo yintp engangiyithanda ngisafunda isikole. Kwakuthi makufundwa izinkondlo ezincwadini kuvuke usinga ilapho engabona khona ukuthi lento kumele ngiyenze. Bengingalindele ukuthi ngizohlomula njengoba sesiside isikhathi ngagcina ukukhipha izinkondlo. Ukuzuza kwami lezindondo kusho ukuthi into engiyenzayo iyabonakala kanti nabantu bayithakasela kakhulu,” kusho uZondi.

Uthe ngesikhathi kubizwa igama lakhe waba nokwethuka ngenxa yokuthi wayengakholwa ukuthi kubizwa yena waze wahlengezela nezinyembezi zenjabulo. Ubonge kakhulu umphakathi ngokuhlezi umeseka wathi uqhubeke njalo ungapheli amandla.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Mystery shooting at Premier’s office