Kugobhoze igazi umphakathi ubhaxabula obezokweba eMgungundlovu

Ashdown

UKUNYUKA kwesibalo sobugebengu endaweni yase – Ashdown, eMgungundlovu kusolakala ukuthi kube ngesinye sezimo esenze amalungu omphakathi akulendawo, avuke indlobane angenela ngesibhaxu owesilisa okuthiwa bezontshontsha wafa ujuqu ngempelasonto.

Lona wesilisa esigcine singalitholanga igama lakhe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela kuthiwa ushaywe wabulawa ngamalungu omphakathi abethukuthele egane unwabu ngemuva kokuthola ukuthi uyathinteka kwizigameko ezahlukene zobugebengu. Ngokuthola kwe – KZN Eyethu lona wesilisa uthinteka kwizigameko zokugqekeza, ukuphanga kuhlonyiwe, ukuduna izimoto kanye nokubulala nokuthiwa begila lemikhuba ngokubambisana nentombi yakhe egcwale amathafa emuva kwalesigameko.

Ngokusho kwekhansela lakulendawo uDumisani Phungula uthe abakukhuthazi ukuthi amalungu omphakathi azithathele umthetho ngezandla. “Ziningi izigameko ezenzekayo ezihlobene nobugebengu kulendawo umphakathi sekufike lapho ucasuka khona. Okubuhlungu kakhulu kumphakathi ukuthi isiteshi samaphoyisa iPlessislaer sikeduze kakhulu. Amaphoyisa awafiki kulendawo ezohlola isimo nokuyinto esiyidingayo,” kusho ukhansela Phungula.

Unxuse abantu ukuba babumbane usebenzisane namaphoyisa ukuze kulwiwe nobugebengu. Uthe bathole ukuthi izibalo zithi i- Ashdown iyona ehamba phambili kwizehlakalo zobugebengu. “Sicela umphakathi usebenzisane nezinhlaka ezikhona emphakathini uma usaba ukubikela amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mthokozisi Ngobese usiqinisekisile lesigameko wathi kuphenywa icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ubulawe ngesihluku obesolwa ngokweba e-Ashdown