Kuhlomule osomabhizinisi abasafufusa eMgungundlovu

Esithombeni ingesikhathi kunikelelwa osomabhizinisi abasafufusa ngezinsizakusebenza

OSOMABHIZINISI abasafufusa abangu -19 bahlomule ngezinsizakusebenza emcimbi obubanjelwe eCity Hall namhlanje. Lomcimbi obuwenziwe ye- Seda KZN ngokubambisana noMasipala uMsunduzi bewuyingxenye ye – Informal and Micro Enterprise Development Programme (IMEDP) njengoba inikeza abasebenzi abaqokiwe (qualifying) ithuba lokuqeqeshwa kwezamabhizinisi. Loluhlelo lwasungulwa wuMnyango wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi asaFufusa, manje oseluqhutshwa ngu-Seda enamagatsha angu – 54 ezifundazweni zonke ezingu – 9.

UMike Zondo oyi- Branch Manager kwa- Seda uthe babonile ukuthi osomabhizinisi abakwazi ukuzithuthukisa ngenxa yokungabikhona kwezinsizakusebenza.

USihlalo we- Sustainable Development and City Enterprises u-Eunice Majola uthe ufisa lemishini iphathiswe okwezikhali zamantungwa. “Labosomabhizinisi besibanika imishini ehambisana namabhizinisi abo. Umsebenzi wethu ukubaqapha sibone ukuthi izinto ziyenzeka yini ngendlela ofisa ngayo sikubambe ngesandla uze ufinyelele lapho ufuna ukufika khona,” kusho uMajola.

UPhilisiwe Mbambo ongomunye wabazuzile kulomcimbi onetafula ku- Pietermaritz uthe uzizwa ejabule ngendlela eyisimanga ngathi ukhishimusi namhlanje kuyena. Phakathi kwezinto azidayisayo izinto zokugcoba, amasokisi okhiye kanye nokunye. UMbambo uzuze itafula, itende, izitulo ezimbili kanye ne- fridge kanti ubonge wanconcoza kumasipala kanye noSeda.

 

 

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Isililo ngabashone kuwa uphahla eSavannah Park