Abaholi be-IFP enkantolo yemantshi eScourt namhlanje

Abaholi ababili be-IFP balindeleke enkantolo ngamacala amabili ozungu lokubulala.

Ikhansela uMthembeni Majola, nelase-Endumeni (Dundee) Local Municipality,  iMayor uRichard Mbatha kanye nosolwa ngokuba yinkabi uXolani Makhathini baboshwa ngoMay ngozungu lokubulala okhulumela i-Endumeni council uBongiwe Mbatha kanye noMofat Mosia mayelana nethenda yonogada.

Bavela enkantolo ngoMay 31 nangoJune 1 becela ibheyili.

Abameli babo bachaza ubufakazi bomphenyi njengenganekwane.

IMantshi uSam Mpungose wanika abasolwa ibheyili ka-R2 000 umuntu emunye.

Icala liyaqhubeka namhlanje.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Abameli baZuma bathi abakakulungeli ukuba kuqule