Bakhishiwe abanukwa ngenkohlakalo kwa-SASSA

 

ABASOLWA ngokukhwabanisa izizumbulu zemali ophikweni lukahulumeni oluholela izimpesheni, iSouth African Social Security Agency (SASSA) banikwe ibheyili, ngesikhathi bevela phambi kweNkantolo kaMantshi yaseMpangeni ngoLwesine olwedlule.
Labasola abayishumi nanye (11) basolwa ngokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R34 million yakwa-SASSA kusukela ngonyaka ka-2005 no-2008.
IMantshi, uMnuz. Gabriel Kunene, ibanike ibheyili ngemuva kokuba umbuso wehlulekile ukuveza izizathu ezingaba nomthelela omubi, uma bengaphandle ngebheyili.
Abasolwa okungoMnuz. Gabriel Ndlovu (56), Mfaniseni Ngcobo (40) Ntobeko Mlaba (51) Balungile Mkhize-Mdletshe (38) Jennifer Gumede (47) Lindani Nyawo ((40), Beatrice Shandu (48) Zoleka Ndzinabe (42), Hlakaniphile Bhengu (49), Lindiwe Ngema (56) kanye noNinah Dube kulindeleke ukuthi babuyele
kulenkantolo ngomhlaka 29 Okthoba.Babhekene namacala okukhwabanisa kanye nenkohlakalo okusolakala ukuthi bawenza phakathi kuka 2005kuya ku-2008.
UMnuz. Ndlovu, uMnuz Ngcobo kanye noMnuz. Gumede babuye babekwa necala lokubulala, bakhishwa ngebheyili ka-R10 000.
Kusolakala ukuthi laba abathathu babopha uzungu lokusoconga, uMnuz Thembinkosi Dlamini (37), owayeyiMenenja wakwa-SASSA ehhovisi laseNgwelezana.
Kuthiwa isizathu sokusocongwa kukaDlamini, wukuthi wayeseqale uphenyo ngezinsolo zenkohlakalo ezasezifinyelele ezindlebeni zakhe.
UDlamini wahlaselwa ngamadoda angaziwa, ngesikhathi esehhovisi lakhe, avulela ngenhlamvu, washonela khona lapho, maqede adla phansi.
Inkantolo ibe seyinikeza abasolwa abawu-8 ibheyili ka-R5 000 ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Lihlehlile elosolwa ngokushaya ongahambi