Owophiko lwentsha useka eyonogada ku-ANC

 

Mfundo Mkhize

Unobhala wophiko lwentsha kwi nhlangano ka Khongolose esifundazweni saKwaZulu-Natal uThanduxolo Sabelo uthi uyazikhuthaza izinyathelo zamalungu ale nhlangano aseqome ukuba aqashe abaqaphi  babo ngenxa yokungabi bikho kozinzo kule nhlangano.

USabelo ubekhuluma ngenkathi ehambele indawo yase-Ashdown Primary School lapho inhlangano yakhe Ulusha Foundation ngokuhlanganyela nebandla le-Uniting Presbyterian Church linikezela ngezicathulo kubafundi abaswele kuso lesi sikole.

“ Ngeke sibasole  labo abaziqashela onogada ngoba isimo asikho sihle kulesi khathi samanje.  Le nhlangano isiphenduke isizinda sokulwa. Kodwa ngaphezu kwalokhu sithanda ukuba siphonsele inselelo uhulumeni wethu ukuba usukumele le ngwadla esibhekene nayo yokusocongwa kosopolitiki,” kusho uSabelo.

Uthe bewuphiko lwentsha bakhuthaza uNgqongqoshe wezokuPhepha ukuba alwe nale mpi engeyinhle. “Ukubulala kuwubulwane obungafuneki,” kusho uSabelo.

USabelo uphinde wagxeka isenzo samalungu ale nhlangano ayevuka umbhejazane ephazamisa inkulumo kaSihlalo ka zwelonke uGwede Mantashe owayekhuluma kwinkomfa yokukhetha ubuholi besifundazwe eyayiseNyuvesi yaKwaZulu Ongoye. “ Asifisi indawo yaKwaZulu-Natal yaziwe ngokuthi ika alubhadwa njengoba kuphazamiseke uMantashe. Sifisa ukuxolisa kuye uMantashe ngaso lesenzo esingabanga sihle,” kusho uMantashe.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kukhunjulwe ingqalabutho yomzabalazo