Isikole esimele iKZN kuzwelonke sicela usizo lomphakathi

Uthishomkhulu uXolani Ndlela nesekela lakhe uJabu Mnyandu kanye nabadlali be-netball bemi emuva koxhaxha lwezinye zezindodno lesi sikole esesike sazibutha. Izithombe: Sbusiso Ntombela

IQEMBU le-netball lasesikoleni samabanga aphakeme iZamazulu Secondary, eMbali Unit 2, eMgungundlovu, lizithwese ijoka lokuwina njengoba kulindeleke ukuthi libhekise amabombo eBoksburg, eGoli, ngenyanga ezayo liyomela lesifundazwe kumqhudelwano iNational Netball Tournament  ozothatha izinsuku ezine (20-22 July 2018).

Leli qembu lenza ezibukwayo kumqhudelwano wezifundazwe lamela uMgungundlovu District ngomhlaka 2 June. Kodwa ngenxa yokuntula imali yokugibela, eyokudla kanye neyokulala, leli thimba lingase lingabi yingxenye yalo mqhudelwano.

Uthishanhloko uXolani Ndlela uthe bayaziqhenya kakhulu ngalaba bafundi njengoba kungokokuqala lesikole sifinyelela kulesi sigaba sikazwelonke.

“Sijabule kakhulu siyisikole ngokufinyelela kulesi sigaba kanti futhi sikhathazekile njengoba singazi ukuthi sizoyithola kuphi le mali yokuya kulo mqhudelwano. Abafundi basebenze ngokukhulu ukuzikhandla kanti lokho kubakhokhelile. Siyathemba ukuthi bazofike benze kahle kule midlalo njengoba befake umfutho omningi beziqeqesha,” kusho uNdlela.

Unxuse abantu ukuba babasize babaxhase ngemali yokuhambisa leli qembu ukuze likwazi ukumela lesi sifundazwe njengoba isikole singenayo imali. Uthe ngeke  limele isikole kuphela kodwa uMgungundlovu kanye nesifundazwe.

UThandazile Masikane ongumqeqeshi waleli qembu uthe bayilungele lemi dlalo inkinga ababhekene nayo eyokungabikhona kwemali njengoba behamba becela imininikelo.

“Okubalulekile ukubeka isifundazwe sethu phezulu, izingane zibone ukuthi le nto eziyenzayo ibalulekile. Le midlalo idlala enkulu indima njengoba isiza ekuqoqeni izingane kwizinto ezingalungile. Abafundi badlale ngokukhulu ukuzimisela kanti siyaziqhenya kakhulu ngabo. Kulesi sikole asigqugquzeli ukuthi abafundi badlale kuphela, sigcizelela ukuthi nasezifundweni kulingane njengokuzimisela kwabo kwezemidlalo,” kusho yena.

Abafisa ukuphosa esivivaneni bangathumela kwi- bank account yesikole : Standard bank, account number 052092410 Branch: Longmarket.

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Inzukayikeyi kwisiteleka eMthombo