Wasinda ‘izinkabi’ zizama ukumshisa ngo-petrol e-Clermont

Inkantolo yemantshi eMlazi igwebe uThobani Thembinkosi Mtshali (22) iminyaka eyi-10 nezinyanga eziyi-10

Amadoda amabili kulindeleke aphinde  avele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoJuni 18 bezofaka isicelo sebheyili ngecala lokubamba inkunzi, elokuthumba nelokushaya uNkululeko Magwaza KwaDabeka, eClermont, ngoMeyi 29.

UCaptain Mazwi Mbatha, okhulumela amaphoyisa esiteshi saKwaDabeka, uthe umgilwa wasinda ngokulambisa emzamweni wokumshisa ngopetrol emva kokumshaya ngenduku ethweswa icala angalazi.

Udadewabo kamgilwa, uMandisa, uzwakalise ukujabula ngokuboshwa kwabasolwa. Uthe ufisa kungaboshwa kuphela “izinkabi” kodwa nalo ozithumile.

“Okubi wukuthi bekufanele size siye emaphephandabeni ukuze icala likamfowethu lisukunyelwe phezulu.

“Siyathemba ukuthi umthetho uzodlala indima yawo ngoba kubuhlungu kuthina ngokwenzekile, uNkululeko ecishe efela into angayazi,” kuchaza udadewabo kamgilwa.

Leli phephandaba libikile ngalolu daba ngeledlule, lapho umgilwa elandise ngokumehlele ephunyuka kulezi zinkabi. Uthe bezithunywe ngomunye wesifazane owamyalela lapho athenga khona imoto asenenkinga ngayo njengoba manje esefuna ukubuyiselwa imali yakhe. Watshela leli phephanda ukuthi “izinkabi” zamdobela emathuneni ngasemfuleni Umngeni KwaDabeka-D ngokuthi zifonise owesifazane ecela usizo lokudonselwa imoto yakhe. Uthe wanikela khona umgilwa njengoba vele ibhizinisi lakhe kungelokudonsa izimoto ezilimele noma ezifile.

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ukhala uyazithulisa odilizelwe umuzi nguMasipala