ISundowns nethuba lokubuyisa izinduku kwiBarcelona

ISundowns nethuba lokubuyisa izinduku namhlanje kusihlwa idlala neBarcelona FC eFNB Stadium. Ngo-2007 iSundowns yaguqiswa yiBarcelona emdlalweni ofanayo  ngo 2-1. Lo mdlalo wobungani uyingxenye yokubungaza iminyaka eyikhulu uMandela azalwa.

 

Kuqinisekisiwe futhi ukuthi uzodlala uLionel Messi kanye noLuis Suarez. Phela bekunamahebezi athi bangase bangadlali kwesatshelwa ukuthi bazolimala ngaphambi kwe-World Cup eqala ngoJune 14 eRussia.  Kodwa ngaphambi kwalokho basadlala eSpain umdlalo wabo  weligi.

 

Lo mdlalo uzosakazwa bukhoma ku-SABC 3 kusukela ngo-6.15 kanti uzosakazwa ezitheshini zemisakazo zakwa-SABC.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Uhulumeni nohlelo lokukhulisa izingane ngemfanelo