UKaizer Motaung uthi zifa ngamvunye kwiChiefs

Emva kwesizini engeyinhle, iKaizer Chiefs ayizokuba nomcimbi wemiklomelo kulokhu.

“Sekuyinto eyejwayelekile ukuthi sibe nomcimbi lapho kuklonyeliswa abenze kahle. Lapha kubalwa abadlali kanye nabasizi bomqeqeshi nabasebenzi (beKaizer Chiefs) abenze kahle kwisizini.  Kodwa le sizini ibe nezigameko, iqembu laphinde laqeda isizini lingena sicoco.

“Lesi sinqumo sifinyelele kuso ngenxa yokungathokozi ngendlela iqembu elidlale ngayo. Asikutholanga ebesikuhlosile,” kusho uKaizer Motaung, uSihlalo weKaizer Chiefs.

Esikhundleni salokhu iqembu lizosebenzela ukwakha kabusha, njengoba liqede isizini lilele isithathu.Uthe iqembu lizomemezela umqeqeshi omusha maduze nje.

UMotaung ube esebonga abadlali ngemizamo yabo, wabagqugquzela ukuba basebenze ngokuzimisela ngomuso ukuze bajabulise abalandeli babo.

“Sifuna ukukudlulisa konke okwale sizini, sisebenzele ukuba sendaweni enhle ngesizini ezayo.

“Nakuba siphoxekile, ngithanda ukubongela abadlali nabaqeqeqshi ngokuzinikela kwabo. Ngicela ukuba wonke umuntu othintekayo azame ukubuyisela iqembu endaweni yalo ebholeni, kujabule abalandeli,” kuvala uMotaung.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Zingase ziduve emakhazeni izidumbu zabawelwa uphahla