Ulishaya abuye ngokulala ithenisi owaseKZN

U-Alwande Skhosana waseHarding edlala emidlalweni yabakhubazekile futhi abahamba nezitulo ezinamasondo. Lapha bebeqhudelana eGoli ngeSonto.

IQEMBU leTennis i-The Warriors Team liwine okwesibili emncintiswaneni weGauteng Performance League obuse Arthur Ashe Tennis Centre eJabavu, eSoweto ngeSonto.
Leliqembu lakuleli elinabadlali okungo-Alwande Skhosana waseHarding oGwini oluseNingizimu nesiFundazwe saseKZN, Tisetso Motaung and Nokwanda Hlongwane lithole amapoyinti amaningi, lehlula i-A Game, i-Unmatchables, ne-Fearsome Foresome.

USikhosana ubeke iWarriors phambili kule midlala yomithathu  edlala noPatrick Selepe, uThato Tsomole noVuyisani Mantshula.

Izibukeli zijabule kakhulu uSkhosana ebhekene noSelepe ekugcineni, wanqoba uSkhosana okleliswe enombolweni yesi 5 esigabeni samaJunior emhla beni wonke nokubeke amaWarriors phambili.

  AUTHOR
Ginisile Ndovela

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Sishe sangqongqa isikole