Ihlukane phakathi iveni eshayisane netekisi kwafa oyedwa, kwalimala 23

Kufe owesifazane kwalimala abawu-23 kushayisana itekisi nesigadla.

Abakwa-ER24, nabanye abahlengi bafike endaweni yesigameko bathole izimoto eziboqokile zime phakathi nomgwaqo. Abantu abaningi bebesakazeke yonke indawo, kanti abantye bebekulezi zimoto.

Abahlengi bahlole iziguli bathola ukuthi abawu-24 bebelimele.

Banikwe usizo lokuqala ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela. Kodwa ngeshwa, lona owesifazane ushone efika esibhedlela.

Le ngozi yenzeke eMagoebaskloof, eLimpopo.

Kusaphenywa imbangela yengozi.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kufunwa isihlobo esihambe kwalahleka usana