Ezikaqedisizungu

Thomas no-Unathi

Besithi izinto zihamba kahle phakathi kukaThomas no-Unathi zihamba kahle naku manje sizwa ukuthi kulezinsuku baxabana njenge kati nenja. Sizwa ngamahlebezi ukuthi lengxabano iqalwa ukuthi  uThomas usezitholele intombi entsha kuthiwa u-Unathi ngathi akaneme ngaloku. Hhayi iyaxaka lendaba ngoba labantu sebehlukene manje inkinga ilaphi we-Unathi?

OLUNYE UDABA:Kuboshwe isoka lephoyisa elinyamalele

 

Ace noNtombi

Niyabakhumbula uNtombi no-Ace esaqala ukubazi kwi-Big Brother Mzansi, baqeda lapho baba nohlelo lwabo lapho silandele impilo yabo emva kokuthi bewine u-R1 million?  Lolo hlelo elwaluqophwe i-Parental Advisory productions, ephethwe uLungile Radu, Siyabonga Ngwekazi kanye noThomas Gumede sengathi aluzuzanga imali eningi,  manje uNtombi no- Ace sebeyisa iParental Advisory enkantolo ngokuthi abayitholanga imali yabo elinganiselwa ku R500 000.

 

Winnie Ntshaba namaSoapie Awards

Emva kokuthi lama Awards ethathe ikhefu leminyaka emibili asebuyile.  Yebo nathi besingakholwa ukuthi azoke abuye emva kwamahlebezi ukuthi kukhona izinkinga ezimbalwa mayelana nemali efakwa kulama Awards.  Asephumile namaNominations ukuthi obani abahamba phambili. Izinhlelo ezifana ne-isibaya, i- Generations The Legacy, i-Ring of Lies zibaliwe. Sonke sibone ukuthi lama Awards azohamba kanjani kulonyaka.

 

Donavan Goliath

Kulaba ababuka i-Real Goboza, nceseni ngeke nisayibona i-Yellow bone ekhuluma isiXhosa ewuDonavan Goliath.  Kuthiwa usekhishiwe kuloluhlelo ngenxa yokuthi izinombolo zabantu abalubukayo loluhlelo sezehlile. I-SABC manje isibheka izindlela ezintsha  zokufaka umfutho  kuloluhlelo.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ezesifundazwe