Sekucacile ukuthi izinto zizoguquka eqenjini iKaizer Chiefs

IZINTO sezicace bha ukuthi kuningi okuzoshintsha futhi baningi abazokhonjwa indlela yiKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.

 

Lokhu phela kulandelwa ukucacisa kwabaphathi ba Makhosi ukuthi abamnandi emoyeni emva kokuthi iqembu labo lihlulekile ukuwina ngisho inkomishi eyodwa kwaze kwaphela iminyaka emithathu selokhu kwathatha izintambo zokuqeqesha uSteve Komphela.

OLONYE UDABA:Bazithele phezu kwesidumbu endaweni yemfucuza kamasipala

Ngokubeka kwabo abanikazi beChiefs bathi ushintsho eqenjini labo kade kahle kahle lwadingeka ukuze kushintshe ukwenzeka kwezinto.

 

Kubekeka kube sobala futhi ushintsho alungeke nje lugcine kubaqeqeshi kodwa baningi nabadlali abazothinteka mhlawumbe osebebukeka bengadingeki.

OLUNYE UDABA:UDhlomo wazise ngosizo lwezempilo entsheni

Kubuye kucace bha ukuthi uKomphela angeke asinde kulokhukhula ngoqo woshintsho.

 

Okubuye kube buhlungu ukuthi akukho okubambekayo okungasindisa lomqeqeshi.

 

“Kuzoba noshintsho olukhulu ngaphambi kokuphela lesizini ukuze isimo sibe ncono ,”Kusho isitatimente esikhishwe yikilabhu.

 

Okunye okubukeke kubulale AmaKhosi

 

kakhulu ukungazithengeli abadlali abasezingeni eliphezulu nababafunayo kodwa bebelokhu bebheka abamahala ababetholakala emakethe.

 

Mhlawumbe uLeonardo Castro no Siphelele Ntshangase abadlali okungathiwa babe yikhwalithi nebathole seyiyophela lesizini ephezulu.

 

Elinye iqiniso nelibuhlungu ukuthi abanye abadlali abathengwa sebaze bahamba bengazibonisanga kahle-hle enkundleni.

 

Omunye wezikhulu zeChiefs nokunguyena oke athinteke kakhulu uma kuthengwa abadlali noyindodana kasihlalo weqembu uBobby Motaung, akafuni ukucacisa ngaloludaba kodwa uyavuma ukuthi ushintsho luyadingeka noma lubalulekile.

 

“Kuvamisile ukuthi amaqembu uma esizini iphela noma kuzoqala entsha kuhlalwe phansi kubalwe okungahambanga kahle, noma kungahanjiswa okubhedile,”Kusho uMotaung.

 

Elinye iqiniso ukuthi umsebenzi kamqondisi kasomaqhinga wabaqeqeshi (technical director) Rob Hutting kufanele manje ibonakale neqembu lishintshe isitayela sokudlala nesafika noKomphela.

 

Izimpukane eziluhlaza nezisondelene kakhulu naleliqembu zithi kubekeka sengathi abaphelelwe izinkontilela kodwa bebe bengabonakali ukuthi benzani bazozibona beshaywe emnyango ngesizini ezayo.

 

“Iqiniso lithi kubuhlungu okwenzeka eNaturena. Ukungatholi ngisho ushatini iminyaka engaka sekuthuse wonke umuntu, abalandeli kanye nabaphathi,”kusho labasiki bebunda.

 

 

 

  AUTHOR
Jerry Barnes

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Abameli baZuma bacabanga ukufakela isinqumo seNPA inselelo