Intaka ibekelwe amazolo kowe-Nedbank Cup

Akwaziwa mbhantshi kujiya emdlalweni owandulela owamanqamu ozoba phakathi kweMaritzburg United neMamelodi Sundowns kumqhudelwano iNedbank Cup.

Lo mdlalo ozoba seHarry Gwala Stadium ngeSonto mhla ka 22 Ephreli uthanda ukuba nzima ukuwuqagula ukuthi ubani ozophumelela njengoba womabili lamaqembu  edlale kahle ngempelasonto.

OLUNYE UDABA:Kulimale izingane ezinemnyaka ephakathi kuka-5 no-7 kuphalaza itekisi eMarrianhill

ISundowns ebheke ukuwina isicoco sePremier Soccer League(PSL) idle iBidvest Wits ngamagoli amabili (2-0) eLoftus ngoMgqibelo, kanti nayo iMaritzburg United yenze okufanayo ngokwehlula iBaroka FC ngawo amagoli amabili eqandeni.

Ngokwezingqapheli nakuba lamaqembu ewinile futhi ashaya amagoli alinganayo, kuncomeka kakhulu okwenziwe yi-Team of Choice njengoba yona ibidlala ekuhambeni, lokho kuzoyinika umdlandla njengoba izodlalela ekhaya kulempelasonto lapho impumelelo ingasho ukungena kwayo kwifayineli yokuqala kwiPSL.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Indoda ithenge iBMW ngohlweza