Abebeqe ejele eGoli babulawe ngase-Greytown

Kubikwa ukuthi amaphoyisa aseKZN adubule abulala abasolwa abaili kulabo abawu-16 abeqe ejele ISun City eGoli ngoMsombuluko.

Amaphoyisa athe ngeke awadalule amagama alezi ziboshwa ezidutshuliwe. Bobabili abasolwa bebeboshelwe amacala okubulala angahlobene, ngokusho kwamaphoyisa.  

Okhulumela ama-Hawks eKZN, uSimphiwe Mhlongo, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa adubulane nalaba basolwa.

Kuthiwa badubulane namaphoyisa kuR33 ngaseGretown izolo ebusuku.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kwenzenjani ngabefundisi badlwengula kangaka?