BUKA: Abe-NUMSA betelekile e-Transnet

 

Babeke eceleni umbango wepolitiki abasebenzi basengosini yezitimela ngesikhathi beteleka eCommuter Transport Engineering(CTE) eMgungundlovu. Labasebenzi okungamalunga ezinyunyana iNumsa kanye neLimusa  athi asekhathele izinkinga ezikulesikhungo sokukhanda izinjini zezitimela. Ngokusho kukaLungisani Mkhize onguSihlalo wesifunda kuphiko lwentsha kwiNumsa isiteleka babone kuyinona ndlela ezokwenza ukuthi umqashi ahlangabezane  nezimfuno zabo. “Esikubonayo ukuthi umqashi uluthathela phansi udaba lwethu, yingakho engakasiphenduli. Kodwa lokhu ngeke kusiqede amandla, sizoqhubeka nokuzabalaza kuze kube izimfuno zethu ziyenziwa,” kusho uMkhize. Ukhale kakhulu ngokuqinisa ikhanda kukamphathi walenkampani uPatricia Norris. Oyi shopsteward  yeLimusa uLance Wilkenson uthe njengabasebenzi baseCTE babheke ukuthi izimo abasebenza ngaphansi kwazo zibe ngcono njengabo bonke abasebenzi abasemkhakheni wokusebenza ngethusi.

Ezithombeni: Abasebenzi akade  bekhuza izaga bacule amaculo  omzabalazo ngosuku lwesibili lwesiteleka eMgungundlovu.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
BUKA: Abagibeli betekisi beminza