Kushaqwe 154 wezibhamu eKZN

 

 

Kuboshwe abasolwa abangu 161 ngesikhathi amaphoyisa aKwaZulu-Natal engenele uhlelo obeluhlose ukuthola zonke izibhamu ezingekho emthethweni esifundazweni iKwaZulu-Natal, kusuka mhlaka 1 kuyaku 28 February. Amaphoyisa ashaqe izibhamu ezingu 154 ezingekho emthethweni, esezisetshenziswe izikhathi ezingu 1159 esifundazweni.

Izindawo ezihanjwe ngamaphoyisa kubalwa kuzo, Ekombe, Upper Tugela, uMsinga, Hluhluwe, Highflats, Hammersdale, Umlazi, Kwa Mashu, Phoenix kanye nezinye.

Izibhamu ezitholakele okubalwa kuzo, ama pistol angu 136, ezohlobo lomjojantaba ezingu 14 (high calibre) kanye nezinye zokuzakhela. Bonke abasolwa ababoshiwe bavele ezinkantolo zomantshi ezahlukene. Izibhamu zona zithunyelwe ukuba ziyohlolwa.

Ukhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, osabambile, uMajor General BhekiLanga, uthe, “Lezinhlelo zihlose ukunciphisa ukusetshenziswa kwezibhamu ezingekho emthethweniukuqinisekisa ukuphepha kwezakhamizi. Sithanda ukunxusa imphakathi ukuba ibike emaphoyiseni uma kukhona embonayo ephethe isibhamu esingekho emthethweni, ngoba lokho kuyosindisa izimpilo zabantu abaningi kuphinde kwehlise nezinga lobugebengukuleli.”

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kugwazwe kwabulawa umfundi