EZESIFUNDAZWE: Ushaya ingwiji unina womfundi ‘owadlwengulwa’ yiphoyisa wakhulelwa

 

Ushaya ingwiji unina womfundi ‘owadlwengulwa’ yiphoyisa

Useshaya ingwiji khwebu unina womfundi ka-Grade 6 wasesikoleni (eligodliwe igama laso) eMthwalume, okwakusolwa ukuthi udlwengulwe, wakhuleliswa yiphoyisa eliyisihlobo. Ekhuluma phambilini unina wengane wasiqinisekisa isigameko wathi kodwa akazimisele ngokuvula icala, ufuna umqhoyiso. Ebuzwa ngomqhoyiso uthe leli phoyisa ngeke lisawukhokha ngoba sekuvelile ukuthi aliyenzanga lutho ingane yakhe layiqabula nje kuphela. Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe lolu daba selungenelelwe nayithimba labo lezomthetho ngendlela elibucayi ngalo.

Laboshwa kudala itulo lokuqotha umndeni waseKhombe

Itulo lokubulawa komndeni wakwaVilakazi eKhombe, eNkandla, kuthiwa liqale ukuthungwa ngoDisemba wonyaka owedlule ngesikhathi kubanjwa imihlangano amalungu omphakathi asola lo mndeni ngokuthakatha nokweba imfuyo.Lokhu kudalulwe omunye umthombo osondelene kakhulu nomculi kamasikanda ofe kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu ebusuku. Ababulewe kube uNkk Khulumile Vilakazi (76) ongunina kaNksz Ntombikayise Vilakazi (45) obethwasisa umculi kamasikandi uMnuz Kuhlalokuhle “Skokela” Goqo (34), kwesinye isigameko okusolwa ukuthi sihlobene nalesi kubulawe uMnuz Mfudumezeni Mhlongo (76) waseZimbidli obeyinyanga. Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko kodwa uphenyo luyaqhubeka.

Uboshiwe osolwa ngokubulala izingane zakubo

Ulale ebaliwe  umlisa waseNcukeni, ePort Edward, othinteka ecaleni lokubulawa kwezingane zakubo ezintathu.Le ndoda (32) iboshwe ikubo yithimba lamaphoyisa asePort Edward abelisebenza ubusuku nemini liphenya ngale nhlekelele eyenzeke ngoSepthemba 2 nyakenye.Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, izingane ezineminyaka ephakathi kwemine newu-12 zatholakala sezithule endlini, zinamanxeba esifubeni, emzimbeni futhi zicwiywe izindlebe zangakwesokunxele.

Ukhala uyazithulisa ‘owebelwe’ wonogada uR11 000 wesitokofela

Usaba ngisho ukubuyela emsebenzini owesifazane wasemjondolo yaseNsimbini, eMayville, eThekwini, osola onogada bakaMasipala weTheku ngokumntshontshela uR11 000 ngesikhathi bediliza umjondolo wakhe ngoLwesithathu.UNksz Thando Mfihlelwa (33) uthi akazi ukuthi uzobabhekelwa ngubani abesifazane adayisa nabo emakethe, eThekwini, ngemuva kokwebelwa imali yesitokofela abekade eyifihle ngaphansi kwamatilasi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe, amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokulimaza impahla ngemuva kokuthi owesifazane edilizelwe umjondolo wakhe.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kwenzenjani ngabefundisi badlwengula kangaka?