Kufe abathathu izimoto zigqamuka amalangabi emuva kokushayisana

Iziphathimandla seziqinisekise ukushona kwabantu abathathu engozini yomgwaqo eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka u-N2, ngaseHibberdene, izolo ebusuku.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-Netcare 911, ngokuhlanyanyela nezicishamlilo, amaphoyisa kanye namanye ama-ambululensi baphuthume endaweni yesehlakalo emuva kokuthola umbiko.

“Imibiko endaweni yesigameko iveza ukuthi izimoto ezimbili ezincane ziye zashayisana nokuholele ekutheni zishe zombili,” kusho okhulumela abakwa-Netcare 911, uShawn Herbst.

Unezele ngokuthi kuthe uma sekucishwe umlilo kwatholakala ukuthi kushone abathathu ngesikhathi kushayisana lezi zimoto. Imbangela yokushayisana kwalezi zimoto izophenywa. Umgwaqo uye wavalwa isikhashana.

  AUTHOR
Michael Dlamini

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kufunwa isihlobo esihambe kwalahleka usana