Amaphoyisa abophe uzwakwabo mayelana nemoto eyebiwe

Leli phoyisa eliboshiwe liboshwe ngeSonto ebusuku eMarburg ngaseSayidi. Kuthiwa amaphoyisa abizwe abenkampani ezimele elandela ukuthi izimoto zingakuphi nebicela usizo.

La maphoyisa aphuthume eMarburg ehambisana namalungu alenkampani ezimele. Babone imoto ebubende yohlobo lweToyota Verso ebinabagibeli ababili.

Kutholakale ukuthi iphoyisa lingu-Constable  eMpumalanga Kapa kanti belinomunye umlisa ngaphakathi. Kube sekutholwa ukuthi imoto yantshontshwa eThekwini kulo nyaka. Ibinezinombolo mbumbulu.

Okhulumela amaphoyisa uLt Col Zandra Wiid uthe: “Bobabili baboshiwe kanti bazovela enkantolo eThekwini ngokweba imoto. Indawo okufakwa kuyo ukhiye nayo ibisetshenziswe ngenkani.”

  AUTHOR
Michael Dlamini

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Amaphoyisa aphuce amasela emfuyo iqatha emlonyeni