Azobhadla ejele amaphoyisa alahlwe elokukhwabanisa

Azochitha  iminyaka eyisithupha ejele amaphoyisa amabili alahlwe icala lokukhwabanisa eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoLwesihlanu.

USandile Mthabela (35) kanye noThokozani Dladla (33)  kade besebanza ngaphansi kophiko lwezokuphepha kumasipala wase Mthonjaneni, eMelmoth.  Mhla zingu 24  ku Juni ngonyaka ka 2015 labalisa ababili bamisa iloli kumgwaqo omkhulu eMelmoth lapho batshela khona umshayeli weloli ukuthi basola ukuthi linenkinga yama bhuleki.

Labalisa babe sebetshela umshayeli weloli ukuthi bazoyisa leli loli ephawundini uma bengakhokhelwa imali yokugwazelwa engu-R2500.

Lo mshayeli wabikela umqashi wakhe ngale ngwadla abhekene nayo. Umqashi wakhe akapholisanga maseko wabikela ama Hawks. Baphenywa babanjwa abasolwa njengoba sebeya ejele.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Uyogugela ejele olahlwe awokudlwengula izingane