Konke kumi ngomumo ngomcimbi wotshwala bamaganu

Isifundazwe saKwaZulu-Natal sesikulungele futhi ukwamukela izinkumbi zezihambeli ezivela kwamanye amazwe anjengeSwaziland neMozambique, ku-Umthayi Marula Festival.

Le festival izoba ngoMgqibelo lona esiya kuwo eMfihlweni Royal Residence, kanti iholwa yi-Department of Economic Development, Tourism and Environmental Affairs.

Lo mcimbi waminyaka yonke wenzelwa kwaTembe lapho abesimame balesi sizwe behambisa enkosini utshwala obenziwe ngamaganu esivuno sokuqala. Inkosi yalesi sizwe nguMabhuda Tembe.

UNgqongqoshe walo mnyango uSihle Zikalala, uthe Umthayi Marula Festival isingenye yemicimbi eqavile esifundazweni.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kwenzenjani ngabefundisi badlwengula kangaka?