Kudutshulwe umshayeli wetekisi nomsizi wakhe eSigodini, eMgungundlovu

USINDE ngokulambisa umshayeli wetekisi ehambela eSigodini ngesikhathi edutshulwa nomsizi wakhe ngoLwesithathu emini. UMnu Siyabonga Molefe nomsizi wakhe uSamkelo Gugushe (17) kuthiwa basesimweni esingagculisi esibhedlela emuva kwalesigameko.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asePlessislaer uKapteni Musa Ntombela usiqinisekisile lesigameko wathi uSiyabonga udutshulwe entanyeni kwase kuthi umsizi wakhe wadutshulwa ezinqeni. “Emuva kokuba lezigilamkhuba sezibadubulile zibe sezithatha umakhalekhukhwini kanye nemali engu – R900 zakhala zemuka. Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala kanti akekho obesaboshiwe okwamanje,” kusho uKapteni Ntombela.

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Izintokazi zizobanga isicoco eSigodini