Kudutshulwe owesifazane, 25, emzamweni wokuduna imoto yakhe

Owesifazane, 25, ulimale kabi emva kokudutshulwa esigamekweni sokuzama ukuduna imoto yakhe eNew Germany, ePinetown.

 

Ngezikhathi zabo-7 izolo kusihlwa abosizo oluphuthumayo bakwa-ER24 bathole owesifazane ehleli ngaphandle kwesitolo esizwa wumphakathi.  Bathi udutshulwe engalweni. Ube esenikwa usizo lokuqala ngaphambi kokuthunyelwa esibhedlela.

Amaphoyisa abesefikile ukuze aphenye.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ushonile odutshulwe wumngani wakhe ngephutha beduna imoto eVerulam