Uyogugela ejele olahlwe awokudlwengula izingane

AKAZANGE ayichithele sikhathi inkantolo obebekwe amacala okudlwengula izingane.

UBongani Bhala (48)  wadlwengula izingane ezineminyake ewu-7 newu-10 eLouisiana, ngasePort Shepstone, eSouth Coast. Lezi zingane zombili zadlwengulwa zivalelwe emjondolo kammangalelwa.

UBhala uvele enkantolo  ePort Shepstone izolo.   Uvele phambi kweMantshi uNonesi Dlamini. Emva kokuvuma la macala ube esegwetshwa iminyaka ewu-20 icala ngalinye. Lokho kwenze ukuthi le minyaka ibe uwu-40. Le minyaka uzoyidonsa kanye kanye, okusho ukuthi uyophuma ejele eseneminyaka ewu-68.

Esitatimendeni esifungelwe esifundwe ummeli kaBhala uthe akasakhumbuli usuku kodwa uyawavuma womabili amacala.

“Ngazibiza zidlula endlini yami izingane. Ngazithuma ukuyothenga ugwayi esitolo. Zathi uma sezibuya ngavala umnyango ngase ngicela ucansi kuzo. Salwenza, nokwathi uma sesiqedile ngazinika uR10. Zakhala ngokuthi incane le mali zifuna enye kodwa yayingekho. Zase zithi zizongibizela amaphoyisa,” kusho isitatimende.

Ngaphambi kokuthi agwetshwe kuvele ukuthi wake walahlwa yicala lokudlwengula evele eNkantolo eNkulu eRamsgate ngoMay 4 2005. Wagwesthwa iminyaka ewu-10, wadedelwa emuva kokudonsa ewu-7.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kufundiswe abafundi ngokongwa kwemvelo