Indida kutholwa isidumbu sowesifazane nengane eTafuleni, eMgungundlovu

USABAMBE ongezansi umphakathi waseTafuleni, eMgungundlovu emuva kokutholakala kwesidumbu sowesifazane ongaziwa sidindilizile kanye nengane okusolakala ukuthi ngeyakhe emotweni yohlobo lwe – VW Golf emhlophe. Lona wesifazane ohlonzwe ngokuthi ngu – Noluthando Khomo (26) waseMpumalanga kanye nengane eneminyaka elinganiselwa kwemibili kuthiwa batholwe ngamalungu omphakathi abesola ukuthi kunuka santungwana kulemoto epake esigangeni.

Ngokuthola koMsunduzi Eyethu uKhomo wabikwa emaphoyiseni asesiteshini samaphoyisa eMpumalanga ngoLwesithathu ntambama watholakala endaweni yaseTafuleni eseshonile nengane egcine iphuthunyiswe esibhedlela bobabili benamanxeba okudutshulwa.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa asesiteshini iTaylors uThokozani Moleko lento eyenzeke kulendawo ibaphethe kabi kakhulu njengoba ezweni lonke kuqhutshwa umkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

“Sibuhlungu kakhulu ngalento nje siqhuba lomkhankaso wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kodwa lento kunokuba iyaphela iqhubekela phambili. Sithanda ukuxwayisa abantu besifazane baqaphele, bangathatheki ngoba becabanga ukuthi kukhona abazokuzuza. Njengamaphoyisa sikushayela ihlombe okwenziwe umphakathi wakulendawo njengoba ukwazile ukubamba omunye wabasolwa okhalelwe ngamasongo kasigonyela ngalo lolo suku abanye basagcwele izinkalo,” kubeka uMoleko.

Uphethe ngokuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanye nokuzama ukubulala, waphinde wa nxusa ongaba nolwazi lokuthi labasolwa abanye bakuphi nendawo babazise.

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Ingozi yetekisi ishiye abawu-7 belimele eTaylors, eMgungundlovu