Ukhuza ibuya uSindi Nene wama-Idols

EMVA kweminyaka emine ingabonakali endimeni yezomculo intokazi eyazakhela igama ngokulala isithathu emqhudelwaneni kazwelonke ngonyaka ka-2010 i-Idols SA, isishaye ibuya ngokukhipha icwecwe layo elithi “Sindi” ngoLwezi walonyaka.

USindi Nene, oseke wakhipha icwecwe lakhe lokuqala ngaphansi kwesitebela iUniversal Music Records emva kokuphuma kuma –Idols SA ngo 2010 elithi “infinite”.

INTOKAZI eyazakhela igama ngokulala isithathu emqhudelwaneni womculo i-Idols SA ngonyaka ka- 2010 uSindi Nene.

Esitatimendeni asikhiphile esichaza ngecwecwe lakhe elisha nelididiyelwe uWash Mahlangu osebenza kulesi sitebela esingaphansi kuka- Arthur Mafokate nokunguyena umdidiyeli omkhulu uthe leli cwecwe lakhe lihlanganise i-Soul, RnB, i-Pop, i-Pop, i-Hip hop neJazz nokuhlangana kamnandi nephimbo lakhe.

“U-Arthur ukhombise omkhulu umdlandla, ukuzimisela nothando lokubona ukwenziwa kwaleli cwecwe. Ngigqugquzelwe kakhulu ukuziphatha kwakhe emsebenzini nsuku zonke nengingakaze ngikubone kwezinye izitebela zomculo,” kusho uSindi.

Uthi ukwazile ukukhipha icwecwe eliveza ubuyena okokuqala-ngqa,  ngokwephimbo uhlukile kanti selike lafaniswa nelika Brenda Fassie.

Uthe kube inselelo ukuqhamuka namaculo anomlando ofanele kodwa wazimangaza ngokubhala nokusungula amaculo anomlando ongagqugquzela, ushintshe, ufukule uphinde ukhanyise izinkinga ezweni esikulo.

I- single yakhe ethi “Dedela” iyathokozelwa kakhulu emisakazweni kanti nevideo yayo ayizibekile phansi ku MTV Base.

Wonke amaculo akuleli cwecwe lakhe anomlando ongaguqula izimpilo zabantu bakuleli, ikakhulu abesimame. Amaculo akulelicwecwe kubalwa elithi: “Amalungelo” eligqugquzelwe uSomqulu wamalungelo wabantu bakuleli.

Elithi “Amandla” lixoxa ngamandla anikezelwe abesimame, ethi: “Ikhaya  Lethu” ikhuluma ngokuhlukumezeka, ukwethuka nobungozi intsha  yesifazane ehlangabezana nabo, elithi: “Missing You”  ligqugquzelwe ukwedlula emhlabeni kukagogo wakhe kanti elishisa izikhotha elithi: “Dedela” lichaza ngokudlulisa isimo esinzima ujabule nabangani.

 

  AUTHOR
Zolo Guma

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kukhalwa ngomonakalo odalwe ukuqhuma kwephayiphi eSnathing