Kukhuthazwe abantwana ukuba balangazelele imfundo, bagqokiswa amajazi, banikwa nezitifiketi

ODADO bebebahle kanje begqoka amajazi emfundo eSikhumbuzo Full Service School eMlazi kwa- C. Iisithombe: Sithunyelwe.

Lo mcimbi wokuklonyeliswa nokugqoka amajazi emfundo eSikhumbuzo Full Service School  kwa-C, eMlazi, muva nje.

Ofundisa kulesi sikole  uZandile Mngadi uthe kuklonyeliswe abafundi abawu-90 ngezitifiketi zemfundo.

“Lo mcimbi uhlelwe ngabazali nothisha besikole ngenhloso yokukhuthaza abafundi ngokubaluleka kwemfundo,” kusho uMngadi.

Uthe yize bebuye bahlangabezane nezingqinamba zokungakhokhi ngesikhathi kwabazali, bazimisele ngokuqhubeka nawo.

“Abazali bayasiseka kakhulu siyabonga ngalokho, sengathi bangaqhubeka.  Okujabulise abantwana  wukwenza imidlalo yeshashalazi bebonke befundisana nokudlala,” kusho uMngadi.

Uphethe ngokubonga abazali  nothisha ngokubambisana kulo mcimbi ophethwe ngenkulu impumelelo.

 

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Baqhakambisa umlando welokishi iMbali