Kuvulwe isiteshi samaphoyisa esincane eGlebelands Hostel

UFIKILE Mbalula uNgqongqoshe wezamaPhoyisa ehambisana namaphoyisa aseMlazi ngenkathi kuvulwa isiteshi esincane samaphoyisa eGlebelands Hostel ngoLwsihlanu ngoLwesihlanu.

SIVULWE ngokusemthethweni  isiteshi samaphoyisa  esincane eGlebelands Hostel eMlazi nguNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula kulendawo  ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa  aKwaZulu-Natali  uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe izikhulu zamaphoyisa nomphakathi  zisamukele lesi sikhungo esisha, zasho ngazwi linye sizoba wusizo olukhulu.

Kulezo zikhulu kubalwa uLieutenant General uNobesuthu Masiye,  u-Acting Provincial Commissioner uMajor General Bheki Langa  nesekela Meya yeTheku uFawzia Peer.

“Lesi siteshi kuthiwa sizovulwa amahora angama- 24 futhi umphakathi ugqugquzelwa  ngokuqinisekisa ukuthi lesi sikhungo siyasebenza sikhathi sonke.”

“Kuzoba neveni entsha eyabelwe kulesi siteshi ezosetshenziswa  ngamaphoyisa azisebenzea kusona kuphelai,”kusho uLieutenant Colonel  Zwane.

Uthi lesiteshi sizoba ne- National Intervention Unit ne Public Order Policing ezobe isebenza ubusuke nemini amahora angama-24.

“Sivula lesiteshi ngoba kade abahlali baseGlebe besicelile ngenxa yezigameko ebezenzeka phambili zokubulawa kwabantu kulendawo,”kusho uLt Col   Zwane.

UKhomishana wesifundazwe uMajor General Bheki Langa udlulise kubahlali baseGlebe ngokuthi basebenzisane namaphoyisa kulesi sikhathi samaholide.

“Sikhuthaza laba abanolwazi mayelana nezibhamu ezingekho emthethweni ukuba baphumele obala basinike ulwazi ukuze laba ababandakenyayo beshoboshwa,”kusho uGeneral Langa.

Uthe amahostela akumele ukuba abe yindawo yokucasha izigebengu, laba abahlala khona kumele bahlale ngokuthula  futhi ngaphandle kokwethuka.

“Amaphoyisa athunyelwe ehostela ukuqinisekisa ukuthi kuba nokuthula nozinzo eGlebelands sikhathi sonke,”kusho uGeneral-Langa.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kwaboshwe iphoyisa kanye nabathathu eGlebelands Hostel