Kuyanda ukuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni

UPHIKO lobugebengu emphakathini (social crime) esiteshini samaphoyisa aseHillcrest luthi seluzobathathela izinyathelo zomthetho abafundi abaqhubekayo nokuhlukumeza abanye ezikoleni njengoba lomkhuba ungapheli.
UConstable Andile Mbhele wophiko lwe-social crime uthi sekufike ekugcineni manje, bazohlela umhlangano nebhodi elimele isikole, maduze kuthathwe izinyathelo.
Lokhu kulandela ukuhlukunyezwa komfundi waseBazothini High School KwaNgcolosi, obikele isiteshi samaphoyisa aseHillcrest ngokuhlukunyezwa ngozakwabo.
Lo mfundi uthi ngisho nomunye wothisha, useqome ukuhlangana nalaba bafundi esikhundleni sokuba abakhuze noma abajezise.
Uqhubeka athi lothisha umbiza ngegama ahlekise ngaye egumbini lokufundisa, lomfundi uthi useyabikelwa uma eya esikoleni usefisa ngisho ukuyeka ukuya ukuya esikoleni.
UConstable Mbhele uqhube wathi akukona okokuqala bebikelwa ngesigameko esifana nalesi. “Okwesithathu sibikelwa into eyodwa kulesi sikole, siyekuso sikhulume nabafundi kubengathi bayezwa kodwa manje uma lomkhuba usungenelwa nawothisha sekuyasiphoqa ukuthi sisebenzise ingalo yomthetho, sibophe uma kufanele.”
“Sizothumela nencwadi kuMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali, siwazise ngalokhu kodwa sizoqala ngokuhlela umhlangano nesikole,”kusonga uConstable Mbhele.

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Buka umngcwabo kaChillies osematheni