Bakhala ngokungaphatheki kahle abasebenzi boMnyango wezokuThutha

ABASEBENZI boMnyango wezokuThutha ohlangothini lwabashayeli, abasizi babo kanye nomakhenikha bakhala ngokungaphatheki kahle  emsebenzini abakubeka ezithebeni zobengu- Senior Admin officer.

Phakathi kwabasebenzi balomnyango abebethamele lomhlangano  bekukhona abaqhamuka eMshwathi, Vulindlela, Camper down kanye naseMerrivale.

Labasebenzi ngoLwesihlanu olwedlule babambe umhlangano phakathi kwezinto abakhale ngazo ukungaqashwa ngokugcwele, ukuqashwa ngobuhlobo, ukuba ngotoho isikhathi eside kanye nokucindezelwa yisikhulu somnyango ngoba sithembe ukuthi isihlobo saso siphethe.

Abasebenzi boMnyango wezokuThutha abakhala ngokungaphatheki kahle. Isithombe uNtombizethu Ngcobo

Omunye umsebenzi okhulume naleli phephandaba ongathandanga ukuthi igama lakhe lidalulwe uthe useneminyaka engamashumi amabili nanhlanu sebenza kulomnyango kodwa akaqashwa ngokugcwele . “ Sesiside isikhathi ngisebenza lapha ngihola u-R1700 emuva kwamasonto amabili ngiyabanjelwa nemali yeholidi. Ngabe yinkululeko yini le uma ngithi ngiyakhuluma ngithenjiswe ukuxoshwa. Into esiyifunayo ukuqashwa ngoba sisebenza ezikhaleni zabantu abaqashwe ngokugcwele,” kubeka yena.

Funda olunye udaba : Injabulo owase-MUT eshaya ozakwabo emakhanda

USihlalo we-Nehawu kwisiFunda uMnuz Vusi Gama uthe kumhlangano ababenawo nabaphathi bomnyango baqhamuke nesinqumo sokuthi sisuswe lesikhulu esingaphethe kahle abasebenzi. “Iphuzu elisemqoka ukuthi lesikhulu esihlukumeza abasebenzi  sesizohlelelwa indawo esizobekwa kuyo  ngoba akasezuba bikho lapha. Uma sekuza kwizikhalazo zabasebenzi abaziphakamisile zizolungiswa nazo,” kubeka yena.

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kukhethwa ubuholi babalandeli boSuthu eMlazi