Bathi sekuyisikhathi sothuthukiswa kwamaciko akuleli ngelika 90%

BATHI umculo ka 90% ungowabo abasendimeni yezomculo kuleli ngesikhathi belibangise ezindlini zokusakaza kaSABC eThekwini besuka eCity Hall. Isithombe: Twitter/Mxolisi Mngadi

ABAYIZWA kahle abakuleli eyokuqedwa kuka 90% endimeni yezomculo ngelithi #Hands of 90% Our local Content.

Osaziwayo abaningi abahlukene kulo mkhakha bangenele emashini eqhubeka edolobheni laseThekwini iqale ekuseni eCity Hall ilibhekise ezindini zokusakaza zakwaSABC lapho lamaciko ephikisana khona nokuqedwa kwalesinqumo esakhishwa ngonyaka ophelile ilowo owayeyisikhulu esiphezulu ka SABC uMnuz Hlaudi Motsoeneng.

https://www.instagram.com/p/BT8xPdQFtex/?taken-by=babes_wodumo&hl=en

Okunye abakuvezayo kule mashi ukungagculiseki ngokudlalwa kwawo kulemisakazo abathi kusalele njengoba zibaliwe iziteshi zemisakazo eziwudlalayo umculo wakuleli.

Bheka eminye imibono yabantu ezinkundleni zokuxhumana.

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uphika ukuqoma iDA uMakhosi Khoza