Wenqabe eyesikhokhelwayo ngoba ecuthele eyama-Olympics

UMPETHA weZone 4 Championship  esisindweni  sebantam  esibhakeleni  sabangakhokhelwa  uNomusa Ngema  akayingeni eyokukhushulelwa  esibhakeleni esikhokhelwayo okwamanje njengoba ethi okuhamba phambili  kuyena   wukuqopha umlando  kulomdlalo ezingeni  lama-Olympic   azokuba seTokyo  eJapan  ngowezi 2020.
UNomusa  obemele  iNingizimu  Afrika   kwi Zone 4  Championships  ubuye  nendondo yegolide  kulo mqhudelwano kanti usafuna ukubuya nenqwaba yazo kwelandelayo.
Lo mpetha okuthiwa ushaya isibhakela esiqhwiza umentshisi uqale ngo 2012 ukudlala kowezifundazwe,  wadlulela  kowmazwe  ngowezi- 2015 lapho  ecabe indlela  yokungena  eqenjini lesibhakela  saseNingizimu  Afrika.
Exoxa  neKZN  Eyethu uthi ukujoyina kwakhe  isibhakela esikhokhelwayo obekufanele kube ngoFebhuwari nonyaka  bekuzobhimbisa  izinhlelo anazo njengoba elangazelele owokuqhudelana kowamazwe.
“Bengingeke  ngisakwazi ukuzibona  ngiyingxenye  yemidlalo yama-Olympic   njengoba nginesifiso  esikhulu   sokuzibona   ngiyingenele  lemidlalo,” kusho  uNomusa.
Lo mpetha okuthiwa ushaya  isibhakela esiqhwiza umentshisi useke wabuya namagolide amabili ezindondo kubalwa eyeMandela  Cup abeyidlala  ePort Elizabeth ngowe-2016.
Uphinde  wabuye nenye  kwiSANABO Elite Trials abaseFree State ngoMashi kulonyaka  njengoba esephinde wabuya nenye  koweZone 4 Championship.
Uqhubekile wathi nakuba esenqobe izimpi eziningi, usafuna   ukuqoqela elakuleli  izindondo  eziningi kulo mdlalo.
“Ngisazimisele kakhulu ngokuqhubeka nokulanda ezinye  izindondo lapha engizobe ngigadulisana khona  nabanye  abashayisibhajkela abasezingeni lami.”
“Lokho  kuzoqala  ngezimpi  zokuhlungela  eyama-Olympics eseCongo  ngoJuni nonyaka,” kusho  uNomusa.
Uthi lomdlalo  okudala awuthanda umsiza kakhulu ekugwemeni  izinto eziningi ezingalungile nezingeke  zimyise  phambili empilweni yakhe.
Usonge  ngokuthi  isikhahti  asitholayo   usichitha ejimini  emva  kokubuya  esikoleni njengoba engumfundi  wezifundo zeHospitality  Elangeni   TVET  College  KwaMashu .

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Uthakaselwe kakhulu owe-Durban Port Festival