Inhlansi yethemba ngesivumelwano saka-Rainbow chicken.

African Poultry Association, UMnuz Scott Pitman kanye noMnuz Francols Baird weFairplay ekuyiyona egqugquzela lomkhankaso. Isithombe: Nash Ngcobo.

SIBUYISE ithemba isivumelwano esisayindwe yiRainbow Chicken Limited Foods (RCL Foods), inhlangano iFairplay, iSouth African Poultry Industry neFood And Allied Workers Union (Fawu) kubantu baseNingizimu Afrika namazwe omhlaba sokungayithengi imikhiqizo elahlwe ngamanye amazwe, yathunyelwa kuleli.

Lesi sivumelwano sisayindwe emcimbini wesidlo sasemini ebesikwelinye lamahhotela agudle ugu lolwandle eThekwini ngoMgqibelo, obugqugquzelwe yinhlangano i-Fairplay ekhala ngokuthi ukulahlwa kwezinkuku zaseMelika kuleli, akulungile futhi akukho emthethweni.

Ngokusho kukaMnuz Francois Baird weFairplay, wonke amazwe awazibophezele ekugqugquzeleni imiphakathi ngokuduba imikhiqizo elahlwe ngamanye amazwe ukudayiselwa elakuleli ngoba lokho kulahlekisela abasekhaya ngemisebenzi.

Ngonyaka ophelile iRCL Foods iphoqeleke ukudliza abasebenzi abalinganiselwa e-1 350 ngemuva kwesivumelwano sikaHulumeni wakuleli, se-Agoa lapho iMelika yagcizelela ukuthi iNingizimu Afrika ayizithenge lezi zinkukhu ukuze nayo ithenge imikhiqizo yayo.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu sakwaRCL uMnuz Scott Pitman, sethemba ukuthi lesi sivumelwano sizoba yikhambi lokugcina imisebenzi ngokuduba inyama yenkukhu elahlwe ngamazwe angaphandle.

“Kungenzeka ubonakale umehluko uma abantu baseNingizimu Afrika bezokugwema ukuthenga lemikhiqizo yangaphandle, egcina ngokuduvisa eyakuleli bese belahlekelwa yimisebenzi eyakuleli uma izinkampani zingasayenzi inzuzo,” kuqhuba uMnuz Pitman.

Uqhubeke ngokuthi akusasizi ukukhalela ubisi oluchithekile, kodwa sekuyisikhathi sokugwema isimo sokulahleka kwemisebenzi ngokungenasidingo ngokuzayo. Uthi akgwenywe ngazo zonke izindlela ukulahleka kwemisebenzi ezolambisa izakhamizi zakuleli njengoba ziyi-30 000 ezisengcupheni yokulahlekelwa yimisebenzi.

Lesi sikhulu siveze ukuthi imbangela enkulu yalokhu wukungathembani kwezinkampani nohulumeni omusha ngenxa yobudlelwano ebezinabo nohulumeni wobandlululo.

Uthe: “Sibona uHulumeni eqhelile kakhulu kuthina lokhu kwenza angakwazi ukuzazi izinselelo esibhekana nazo ngezinqumo azithathayo ngokuvumelana namanye amazwe njengoba kwenzekile”

UDkt Charlotte Nkuna oyisikhulu kwiSouth African Poultry Industry naye unxuse kakhulu abantu ngokungayithengi imikhiqizo yangaphandle ezoncintisana neyakuleli, igcine ngokulahlekisela abakuleli ngemisebenzi.

“Akuthengwe imikhiqizo o yasekhaya kuqala, kubhekwe umehluko wentengo kanjalo nokuba sezingeni eliphezulu layo uma iqhathaniswa neyokufika ezitolo ngaphambi kokuthenga,”kusho uDkt Nkuna.

 

 

 

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Amaphoyisa aseMlazi akhuthaze abaseNduduzweni