Abathengi baqwashiswe ngobugebengu eMega City

USgt Sizo Mfeka we-Umlazi Social Crime Prevention,uNks Nonthando Makhanya woMnyango wezeMpilo, uNksz Nozipho Majola wakwa-Life Line no Cst P. Mbotho wo-Umlazi Social Crime Prevention. Iisithombe:sithunyelwe

AMAPHOYISA aseMlazi, iLife Line no-Umlazi Crime Prevention baqwashise abathengi ngamathiphu obugebengu nodlame okwenzeka enxanxatheleni yezitolo zaseMega City ngoLwesibili.

UKapteni Carmen Rhynes okhulumela amaphoyisa aseMlazi wethulele umphakathi inkulumo ngokubaluleka kokubakhona kwesikhungo esibizwa nge-Victim Support Centre ebhekele  abanezinkinga ebudlelwaneni nasemishadweni yabo.

“Sibize ochwepheshe abaqeqeshiwe abazosiza ekuxazululweni kwezinkinga abahlangabezana nazo.Umeluleki wakwa Life Line uNksz Nozipho Majola uvezele umphathi  ungasizakala kanjani, wanika nezisulu zobugebengu izeluleko,”kusho uKapteni Rhynes.

Uthe bekunoNksz Nonthando Makhanya wezeMpilo ukhulume ngokubaluleka ukuthola ukwalulekwa uma unezinkinga empilweni ukuze uzixazulule ngendlela encono.

Kuphethe ngoSayitsheni Sizo Mfeka okhuthaze umphakathi ngokuzinakekela  njengoba izigebengu zithatha lesi sikhathi sokuntshontsha.

Uphinde wanikezela ngamathiphu kubathengi  azobasiza ekuqapheni ubugebengu obenzeka eMlazi.

 

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bazoyikhotha yomile abazophambana nomthetho ngomgcwabo