Owe-Max’s Lifestyle usefuna i-hhotela eMlazi

USOMABHIZINISI waseMlazi uMnuz Max Mqadi  wodumo lweMax’s Lifestyle eMlazi kwa V usefuna ukuvula ihhotela likanokusho kule ndawo.

Lokhu uMnuz Mqadi ukusho ngenkathi kuvulwa indawo entsha i-Auto Spa & Private Lounge “ Inkandla” kuyo lendawo ngoLwesine kusihlwa.

Uthe le lihhotela lizosiza abantu ngendawo yokulala ikakhulukazi labo okungafanele bashayele izimoto sebephuzile uma sebephindela emakhaya ukuze kwehle izinga lezingozi emgwaqweni.

“Isizathu sokufuna ukwakha ihhotela ngifuna umuntu uma esezwa ukuthi akasekho esimweni esihle alale.”

“Sengisiza kwezokuthutha lokho kungenzeka uma uHulumeni engafaka isandla, bese ngenza okulindelekile kumina,”kusho uMnuz Mqadi.

Lesi sigaba sivulwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natali uMnuz Sihle Zikalala neMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede.

UMnuz Mqadi uthi uma ebona owoMdabu waseNdiya ezodla nomndeni wakhe kule ndawo. Ufikelwa yizinyembezi asho ukuthi ulifezile iphupho lakhe lokuqinisa ubumbano kule lizwe futhi aseke uHulumeni.

“Nginenkinga yokuthi uma ufika eThekwini alikho ibhasi eliletha abantu abavakashela emalokishini. Le nselelo ngiyiphonsela uMnyango wezokuVakasha bese kubekwa esimweni esihle umgwaqo ongena kwa-V ukuze kuqhubeke ukuthuthuka kwendawo yaseMlazi,” kusho  uMnuz Mqadi.

UMnuz Zikalala uthe : “Uma sikhuluma ngendawo yakwa Max yindawo  ehamba phambili emhlabeni ebalwa neziphambili kwezingama-200 emhlabeni.”

“Siyaziqhenya ngoMlazi, asikhulumi ngendawo ozothola  ukuwotawotwa kuphela kodwa nokuphepha ngisho kwemoto,  ungcebeleke ubuke nethelevishini,”kusho uMnuz Zikalala.

UNksz Tarnia Lekhooane imenenja uthe  ngokufakwa kwendawo yokuwasha izimoto, umphathi wakhe akaqondile ukwenza imali kodwa uletha izinsiza kubavakashi bale ndawo.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kuzobhiyozelwa e-Workshop kwethulwa amaSATMA