Basale dengwane abagibeli bamabhasi ngenxa yesiteleka

Kusolwa akhuthi amabhasi azoma kanje angasebenzi njengoba abashayeli bawo besabisa ngesiteleka. Isithombe :Website

 

BABHEKANE nengwadla yokungazitholi izinto zokuhamba zibayise emsebenzini abagibeli bamabhasi njengoba kuqhubeka isiteleka sikazwelonke.

Lesi siteleka siya ngokushuba njengoba izingxoxo zifikele kwangqingetshe phakathi kwabaqashi kanye nezinyunyana zabasebenzi emabhasini okukhona kuzo SA Transport and Allied Workers Union(Satawu),  National Union of Metal Workers of South Africa(Numsa) kanye nezinye.

UMnuz Ashraf Hassim  onguMenenja we Depot ye Sizanani Mazulu Transport (SMT) uthe uyazwelana nabagibeli wathi unesifiso sokuba abasebenzi bathole isisombululo kulenkinga ekhona ngokushesha. “ Ngaphambi kokuba kwenzeke lokhu ngicabanga ukuthi ngeke sakwazi ukuba sisebenze,” kuchaza uMnuz Hassim. Lenkampani yakwa SMT inamabhasi angu 80 asebenza kwimizila okubalwa kuyo eyasendaweni yase Sweetwaters kanye nase Taylors Halt.

Funda olunye udaba  : Uvalo ngokubulawa kwabantu eDambuza

UMnuz Robins Comings wenkampani yamabhasi uTaros egxile kakhulu edolobheni lase Howick kanye nase Mgungundlovu uqinisekisile ukuthi abashayeli bamabhasi bangenele lesi siteleka waveza ukuthi ngeke aqagule ukuthi sizophela nini isiteleka.  Lenkampani inamabhasi angu 31.  Uthe lesiteleka sivikelekile wathi sithinta nalabo abasebenza kuma worshop nalabo abageza amabhasi. Bathe balindele iziphumo zezingxoxo ezisaqhubeka.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
EyaseMgungundlovu indoda eboshwe iphethe uR10m e-airport