update


Bacela usizo abashiselwa umuzi ngoba besolwa ngokuthakatha

Usale unje umuzi kaNkk Khumalo ngemuva kokushiswa umphakathi ngeSonto ebusuku. Iisthombe :Lethiwe Makhanya

 

 UMNDENI wesalukazi esashaywa sabulawa ngesonto eledlule sashiselwa nomuzi ngoba sisolwa ngokuthakatha, uthi ucela usizo kulabo abangakwazi ngoba kuze kube imanje isima sisenzima njengoba bashelwa  iko konke.

UNkk Adelina Khumalo washaywa wabulawa umphakathi ngoba umsolwa ngokugcina izicubu zengane emzini wakhe. UNkk Khumalo washaywa nomyeni wakhe uMnu Manantshi okumanje osesibhedlela ngemuva kokuba isangoma ebesiqashile sibhebhethekise ukuthi bayathakatha kutholakala isandla sengathi nokugcine kuvele ukuthi bekungena isandla  kodwa bekuwuphathi wokufaka amafasitela.

UMnu Albert Williams oyindodana  yokugcina  kamufi ekhuluma ne-Edendale Eyethu  uthe namanje kusenzima kubona njengomndeni  kwazise  kwasha yonke into eyayisendlini kubalwa khona nomazisi.

“ Nakuba mina ngaba nenhlanhla yokuthi akukho okwamni okwasha ngoba ngihlala ngezansi kodwa ekhaya kusenzima ngoba bashelwa  ikona konke nezinto ezibalulekile. Nakuba kukhona  ukudla okufikile kanye nezipontshi zokulala kusenzima ngoba akukho ngisho izimpahla zokugqoka abanalutho. Siyacela nje usizo kubantu abangasiza noma bakwazi ukuthola omazisi ngokushesha, nangezimpahla zokugqoka kanye nokudla futhi,” kubeka yena.

Funda olunye udaba lapha : Waliwe ingoduso wayibhokoda ngommese owaseSweetwaters

Uqhube wathi kuze kube imanje inhliziyo yakhe ibuhlungu kanti akakwazi ngisho ukubheka amalunga omphakathi emehlweni. “ Angifuni ukuqamba amanga  namanje lento isangidla ngaphakathi ngoba ekugcineni kuvelile ukuthi ayikho lento eyayishiwo. Inyanga ebiqashe layikhala ibhebhethekise  ukuthi uma uyathakatha kunezicubu azigcine nokugcine ngokuthi kuvele ukuthi kungamanga loko. Umphakathi ngisaba ngisho ukuwubuka emehlweni ngemuva kwalesi sigameko kanti amanye amalunga omphakathi nawo ayangikhophozela uma engibona. Ngangcono ukuba bashisa umuzi ba shiya umphefumulo ngoba umuzi uyalungiseka,” kuqhuba yena.

Uphinde waveza ukuthi akasenandaba ukuthi kwenzakalani usezinikele kunanoma yini umphakathi ongaphinde ucabange  uyenze.

NgoLwesine ngesonto eledlule kwaboshwa abasolwa abane mayelana  nalesi sigameko kanti bekumele bavele enkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu bebhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala kanye nelokushisa.

 

 

 

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ugwetshwe iminyaka ewu-28 olahlwe elokudlwengula