Bacela uxhaso ababhuqwa indlala eMhawu High School

UDOKOTELA Yoga Bramani ne-HOD yakwa Science uNkk Simangaliso Miya nabafundi baseMhawu High bejabulela ukulethelwa ukudla ukuze baqhubeke nokufunda. Isithombe: Sithunyelwe.

UKUNQANYULWA kohlelo lukaHulumeni lokuphakelwa kwezingane ukudla eMhawu High School eNgonyameni, sekusukumise inhloko yesifundo seScience uNkk Simangaliso Miya yacela umxhaso wokudla  kunoma ngubani ongasiza.

Kulesi sikole okungakhokhwa kuso imali yesikole, sekwehle nezinga lokuphasa kukaGrade 12 emva kokunqanyulwa kokuphekelwa kwezingane ukudla  nguMnyango wezeMfundo ngaphandle kwesizathu.

Kuthiwa lesi sikole besixhaswa nguHulumeni ngokudla eminyakeni eyedlule kodwa kulo nyaka kwanqamuka kanti izingane ziyafa ayindlala okudala zingakwazi ukufunda.

UNkk Miya uthi sekuze kwangenelela uDokotela Yoga Bramani  wezengqondo oqashwe wuMnyango wezeMfundo obezobheka ukuthi lehliswa yini izinga lokuphasa kwezingane zika-Grade 12 eziphase ngo-49% nyakenye, wahlangabezana nale nkinga.

“Ngikhathazekile kakhulu futhi yiyona mbangela yokwehla kwesiznga lokuphasa kulezi zingane ezingakwazi ukubamba ezifundiswa kona ngoba zilambile, yingakho nemiphumela ingemihle”.

“Asitshelwanga isizathu sokunqanyulwa kokuphakelwa kwezingane nguMnyango wezeMfundo, sengisola ukuthi bakunqamule ngoba kungaphaswanga kahle,” kusho uNkk Miya.

Okhulumela uMnyango weZemfundo KwaZulu-Natali uMnuz Muzi Mahlambi uphawule wathi uThishomkhulu walesikole kumele kube uyena oyisukumelayo lenkinga.

“Uthishomkhulu kumele enze akukhokhelwayo aye emaHhovisi omnyango wezemfundo ayothola izizathu zokuthi loluhlelo lwaavalwelwani,”kusho uMnuz Mahlambi.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bagwetshwe odilikajele abawu-5 neminyaka ewu-30