Uvalo kubagibeli bamabhasi

Kusolwa akhuthi amabhasi azoma kanje angasebenzi njengoba abashayeli bawo besabisa ngesiteleka. Isithombe :Website

 

Babambe umoya abagibeli bamabhasi njengoba kusondela amaholide ePhasika kulandela  ukwesabisa ngesiteleka kwabashayeli bamabhasi kuzwelonke.

Inyunyana yabasebenzi bezokumbiwa kwensimbi(Numsa) ithi uma uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke kumele angenelele ukuze kugwemeke isiteleka esingaba nomthelela ekuhambeni kwabantu. Isikhathi sephasika sinika abantu abaningi ithuba lokungcebeleka nemindeni, izihlobo nabangane kanti abanye baya ezinkonzweni zomgubho womkhosi  wephasika.

Nakuba amakhumbi nezitimela kusetshenziswa, amabhasi nawo athathwa njengolunye uhlobo lwezokuthutha olubalulekile esifundazweni saKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika.

Izinkulungwane zabashayeli ezingaphansi kwezinyunyana ezahlukene zifuna ukukhushulelwa umholi ngo 12% kanti abaqashi babeke u-7% kuphela nokuyinto abashayeli abayithatha njengenhlamba.

Izingxoxo ezibandakanya izinkampani zamabhasi ezingu 16 sezidonse izinyanga ezintathu. Ngokwezibalo zikahulumeni babalelwa ezigidini eziyishumi abagibeli abasebenzisa amabhasi.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bazohlala impilo yabo yonke ejele ababulali basethaveni