Bekuqhuma inganono yodwa kuvaleliswa obethanda ukudlala izimoto

Kungesikhathi kuvaleliswa omunye umthandi wezimoto uSthabiso Ngcobo eGrange ngempelasonto. Isithombe :Intatheli ye-Eyethu

Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto emgwaqweni waseGrange  White Road ngeSonto ngesikhathi kuphuma umngcwabo ka Sthabiso “ Sthimba” Ngcobo.  Lomngcwabo obungempelasonto ubungomunye wemibili wabalisa abahlanu abadutshulwa babulawa amaphoyisa eHilton emasontweni   amabili edlule.

Labalisa babesolwa  ngokuba yingxenye yobugebengu obuhleliwe lapho  kwakudunwa kwebiwe izimoto kubuye kugqekezwe emizini kanye nasemabhizinisini ase Hilton. Iqulu labantu akade beyingxenye yalomngcwabo libuthelene kuWhite Road ukuzobona akade beshayela izimoto  “beshaya izidudla” okuyinto  ethathwa njengosiko lokuvalelisa abantu abathanda ukujaha  izimoto.

Bekuzwakala iphunga lenjoloba njengoba izimoto bezishintshana  ukwenza lomkhuba okuguga kuwo amathayi, kubuye kuqhume izibhamu nokuyinto ebithakaselwa abantu akade bekulomngcwabo.  Amaphoyisa kade eme buqamama nesizinda salombukiso kanti awahlalanga isikhathi eside.

Olunye udaba  :  Bheka ivideo kuvaleliswa obathanda ukudlala izimoto

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Indida ngobulewe washiswa eMtuba