OweNanda  FM  ubonga abangani ngokumkhuthaza  

USETHABILE “Torchyloony” Bhekiswayo (23) we-Inanda FM othi wagqugquzelwa ngabangani ngokusakaza. Isithombe: Sithunyelwe.

 

UMSAKAZI we-Nanda FM  wohlelo iLoxion Drive ehambisana noCannon oluba ngo- 3 kuya ku-6 ntambama, ubonga umdlandla awunikezwa ngabangani bakhe ngalo msebenzi.

USethabile “Torchyloony” Bhekiswayo (23) wasoNdini othi yize ebenesifiso sokuba ngumethuli wezinhlelo zikamabonakude, ukugqugquzelwa ngabangani ngoba enezwi lomsakazi yikona okwamfaka kulo msebenzi.

USethabile  uthi uqale  ukusakaza ngo 2014 ngesikhathi kuvulwa umsakazo wase-DUT.

“Ukuqala kwami ukuthanda umsakazo  yingesikhathi ngisasebenza ne-Radio-DUT umphathi wami nguyena owangenza ngawuthanda kakhulu umsakazo kanjalo nabantu engangisebenza nabo,”kusho uBhekiswayo.

Uthi inhloso yakhe ukugqugquzela abantu abasha besifazane ngokulandela amaphupho kodwa bangaphileli abanye, kodwa baqinise kokubajabulisayo.

“Njengomuntu osemncane wesifazane, angikwazi ukuthembela kumholo owodwa, ngikwezamabhizinisi futhi nginothando oluningi lomkhakha wezokungcebeleka ngiphinde ngibe wumphathi wezinhlelo emicimbini eyahlukene,” kuqhuba uSethabile.

Lomsakazi uthi umuntu abukela kuyena kulomkhakha wokusakaza uRoger Goode wohlelo iDrive Show kwi-5FM.

Uthi nguyena owamfaka uthando lokusakaza ngoba uletha ubumnandi ngaso sonke isikhathi ohlelweni lwakhe.

 

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Umalugaju ugwetshwe odilikajele abawu-10 no-202 weminyaka