Udutshulwe wabulawa ofaniswe nesela lezinkomo eNtshanga 

UMPHAKATHI uphumile ukuzozibonela isisulu esibulewe abasolwa abangaziwa ngoba bethi uyisela lezinkomo.

 

USATHUKILE umphakathi waseNtshanga eSithumba ngokudutshulwa kubulawe owesilisa osolwa  ngokweba imfuyo ngesikhathi ehamba nabangani bakhe kule ndawo ngeSonto.

Ngokusho  kwemithombo ekulendawo kubikwa ukuthi  lesi sigameko senzeke ngezikhathi zokugamanxa kwehora lesikhombisa kusihlwa kanti , umufi uMnuz Andile Kheswa (25) udutshulwe ngabasolwa abangaziwa abebehamba ngemoto.

Kuthiwa uMnuz Kheswa ubehamba nabangani bakhe abayisihlanu ngesikhathi umnikazi wemoto engaziwa abahlangane nayo ebaphoqa ukuba basuse ugodo obeluvimbe endleleni nalapho okuthe uma benqaba wavele lomshayeli wavulela ngenhlamvu ebhekise kulaba.

Okwenze babaleka bangena emahlathini aseduze, umthombo we-KZN Eyethu uthi  akugcinanga lapho njengoba iphinde yabuya le moto  sebethi bayaqhubeka nohambo lwabo.

Kuthiwa le ndoda iphinde yadubula okuthe  esedubuleka umufi kwezwakala izwi lababulali ebeliphuma kule moto lithi “uyena lona ontshontsha izinkomo zethu.”

Abasolwa  babalekile ngale moto, kube sekuvulwa icala esiteshini samaphoyisa endawo.

Okhulumela lesi siteshi uKaputeni Bongumusa Manqele ukuqinisekisile ukufa kwesisulu kulesi sigameko wathi akekho osaboshiwe ngaso kodwa amaphoyisa asaphenya.

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ohamba ngezinyawo ulimale kabi eshayiseka kungquzulana amatekisi amabili