update


Sekuboshwe oyedwa ngokubulawa kwesekela Meya eRichmond

 

SEKUVELE  ukuthi isoka lalowo obeyisekela Meya kumasipala waseRichmond uNks Thandazile Phoswa, likhalelwe amasongo kaSigonyela ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni mayelana nokubulawa kuNks Phoswa.

UNks Phoswa udutshulwe wabulawa ngezintathakusa zangoMsombulo nokuthiwa udutshulwe ekhanda. Isoka lakhe nosekuvele ukuthi lingunogada kuMasipala waseMshwathi, kuthiwa  ngemuva kwalesi sigameko lizinikele emaphoyiseni kanye nesikhali okusolwa ukuthi sisetshenzisiwe ukubulala uNks Phoswa.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uMnu Mxolisi Kaunda usecele  umphakathi waseRichmond ukuba wehlise  umoya amaphoyisa aphezu kwalo loludaba.

“ Amaphoyisa asetshelwe ukuba asebenze  ubusuku nemini ukwenza isiqiniseko sokuthi lababulali babhekana nengalo yomthetho maduze. Kumele sibhekane  nalolu daba  sithole ukuthi kwenzekeni ngempela. Sicela umphakathi ukuthi wehlise umoya kunaloko usebenzisane namaphoyisa ukwenza ubulungiswa,” kusho uKaunda.

Ukushona kukaNks  Phoswa kuza ngemuva kwenyanga kubulawe  iMenenja yaloMasipala uMnu Sbusiso Sithole.

 

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-ANC eRichmond