Inyunyana ithembisa ukushuba kwesimo

KUME NSE: Iqeqebane labasebenzi abebevale amasango kwaSassa eMarburg ngoLweithathu befuna kuhlangatshezwane nezidingo zabo.

INYUNYANA yabasebenzi bezempilo kanye nombimbi lwayo iNational Health and Allied Workers Union ithi uma kungahlangatshezwana nezimfuno zayo umnyango uzobona amehlo esibungu.

Amalunga alenyunyana avale thaqa amasango esikhungweni sakwaSassa esiseMarburg kusukela ngoLwesithathu, lokho okuholele ekutheni abebezofuna usizo baphindele emuva bengalinukanga nangephunga.

Kuthe ngoLwesine kwaba yileso kuma nse ukusebenza esikhungweni esiseMthwalume. kanti nakhona bekusakhalwa esifanayo. Abantu abebesuka ezindaweni ezahlukene baphinde emakhaya bengayazi into ekuthiwa usizo ukuthi umbala njani.

Ngesikhathi iphephendaba litheleka eMarburg ababhikishi bebala ukhasha futhi bengafuni kwakulibona phambi kwalo. Bakubeke kwaba sobala ukuthi akukho lutho abazolusho, uma kudingwa ukuphawula akuxhunywane nekomkhulu layo lenyunyana.

Isikhulumi seNehawu kuzwelonke uKhaya Xaba uthe; “Into esiyilwayo ukuhlukunyezwa kwabasebenzi bethu. uSassa akafuni ukukhokhela abantu bakithi. Abasebenzi abavunyelwe nokuthi bajoyine izinyunyana.”

UNkosinathi Booi oneminyaka engama-51 waseBhobhoyi uthe uvuke engazi ukuthi kuvaliwe kwaSassa lapho ebeyobhalisa khona impesheni yakhe emuva kokuthi bese kusele abuye nencwadi kadokotela eqinisekisa ukuthi akasagunyaziwe ukusebenza.

“Angisazi ngempela ukuthi ngizokwenzenjani uma sekunjena. Ngididekile impela. Ngashayiswa yimoto, wathi udokotela angeke ngisakwazi ukusebenza. Ngeza kobhalisa lana bathi ngibuye nencwadi kadokotela, ebengilethe yona namhlanje.” kusho uBooi.

Ngakolunye uhlangothi imizamo yokuthola abakwaSassa ukuziphendulela ayizange iphumelele.

KUVALIWE: Namanje amasango akwaSassa eMarburg avalwe kwaze kwajikiswa isikhwama kungangeni muntu kusukela ngoLwesithathu olwedlule.

  AUTHOR
Michael Dlamini

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
BUKA: Kwethulwe umqeqeshi omusha we-Pirates